Verse 1: Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo
Verse 2: sokuthi: Amadoda amadala mawabe ngazithibayo, azothileyo, aqondileyo, aphilile ekukholweni, nasothandweni, nasekubekezeleni;
Verse 3: kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle,
Verse 4: ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo;
Verse 5: babe ngabaqondileyo, abamhlophe, abaphatha kahle amakhaya, abamnene, abathobela amadoda abo ukuba izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.
Verse 6: Ngokunjalo ubayale abesilisa abasha ukuba babe ngabaqondileyo,
Verse 7: uzibonakalise kukho konke ube yisibonelo semisebenzi emihle, nasekufundiseni kwakho ubonakalise ukungonakali, ube nesizotha,
Verse 8: ukhulume okuqondileyo okungasolekiyo, ukuze omelana nathi abe namahloni, engenalutho olubi angalukhuluma ngathi.
Verse 9: Yala izinceku ukuba zithobele amakhosi azo, zikholeke ezintweni zonke, zingaphiki nkani,
Verse 10: zingantshontshi, zibonakalise konke ukwethemba okuhle, ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.
Verse 11: Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke;
Verse 12: uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,
Verse 13: sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu
Verse 14: owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.
Verse 15: Khuluma lokho, uyale, ukhuze ngamandla onke. Ungadelelwa muntu.