Verse 1: ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle,
Verse 2: bangahlambalazi muntu, bangabi yizilwi, babe ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.
Verse 3: Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.
Verse 4: Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu,
Verse 5: wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele,
Verse 6: amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu,
Verse 7: ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.
Verse 8: Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;
Verse 9: kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zolibo lokuzalana, nokubanga nokuphikisana ngomthetho; ngokuba lokho akusizi, kuyize.
Verse 10: Umuntu onezifundiso ezidukisayo, eselulekwe kanye nakabili male,
Verse 11: wazi ukuthi onjalo uphambukile, uyona, ezahlulela yena.
Verse 12: Nxa sengithuma u-Arethema noma uThikhiku kuwe, woshesha ukuza kimi eNikopholi; ngokuba nginqumile ukuthi ngizakuhlala lapho ubusika.
Verse 13: UZena, ummeli, no-Apholo wobahambisa ngokunakekela, bangasweli lutho.
Verse 14: Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi ngabangenazithelo.
Verse 15: Bonke abanami bayakhonza kuwe. Khonza kwabasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke.