1 Peter - Chapter 4

Verse 1: Njengokuba uKristu wahlupheka enyameni, hlomani nani ukuqonda okunjalo, ngokuba ohluphekile enyameni uyekile ukona,

Verse 2: ukuze ngesikhathi esiseleyo nisesenyameni ningabe nisahlala ngezinkanuko zabantu kodwa ngentando kaNkulunkulu.

Verse 3: Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo.

Verse 4: Bayamangala ngokungagijimeli kwenu kulowo msindo wokushinga kwabo, behlambalaza;

Verse 5: bayakuziphendulela kulowo olungele ukwahlulela abahambayo nabafileyo.

Verse 6: Ngokuba ngalokho ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuze bahlulelwe ngokwabantu enyameni kepha baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.

Verse 7: Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke;

Verse 8: kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono;

Verse 9: anongenisana ngenjabulo, ningakhononi,

Verse 10: nikhonzane, kube yilowo nalowo ngesipho asiphiweyo njengabaphathi abahle bomusa omninginingi kaNkulunkulu;

Verse 11: uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

Verse 12: Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo,

Verse 13: kodwa njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu, thokozani, ukuze kuthi nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe nithokoze, nethabe nokwethaba.

Verse 14: Uma nithukwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu.

Verse 15: Ngokuba makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma engozigaxa ezindabeni zabanye;

Verse 16: kepha uma ehlupheka ngokuba engumKristu, makangabi namahloni, kepha makadumise uNkulunkulu ngenxa yalelo gama.

Verse 17: Ngokuba sekuyisikhathi sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu; kepha uma kuthathela kithina, kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na?

Verse 18: Uma olungileyo esindiswa kalukhuni, uyakubonakalaphi ongamesabi uNkulunkulu noyisoni na?

Verse 19: Ngakho abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu mababeke imiphefumulo yabo kuMdali othembekayo ngokwenza okuhle.

Select Chapter
1 2 3 4 5
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories