Verse 1: Ngakho ngiyawancenga amalunga aphakathi kwenu mina engiyilunga kanye nawo, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli wenkazimulo ezakwambulwa, ngithi:
Verse 2: Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo,
Verse 3: kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe yizibonelo zomhlambi;
Verse 4: kuyakuthi, nxa esebonakaliswa uMalusi omkhulu, niyakuzuza umqhele wenkazimulo ongabuniyo.
Verse 5: Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
Verse 6: Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,
Verse 7: niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.
Verse 8: Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya;
Verse 9: melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni.
Verse 10: Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.
Verse 11: Makube kuye amandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
Verse 12: NgoSilvanu umfowethu othembekayo ngokubona kwami nginilobele ngokufushane, ngincenga, ngifakaza ukuthi lo yiwo umusa oqinisekileyo kaNkulunkulu; yimani kuwo.
Verse 13: Liyakhonza kini ibandla elikhethiweyo, kanye nani eliseBabiloni, noMarku indodana yami.
Verse 14: Bingelelanani ngokwanga kothando. Ukuthula makube kini nonke enikuKristu.