Verse 1: bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;
Verse 2: yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.
Verse 3: Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.
Verse 4: Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye;
Verse 5: kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye;
Verse 6: lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.
Verse 7: Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni; umyalo omdala uyizwi enalizwayo.
Verse 8: Futhi nginilobela umyalo omusha owona uyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya.
Verse 9: Lowo othi usekukhanyeni, abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube kalokhu.
Verse 10: Othanda umzalwane wakhe uhlala ekukhanyeni, akukho sikhubekiso kuye;
Verse 11: kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.
Verse 12: Ngilobela nina bantwanyana, ngokuba nithethelelwe izono ngenxa yegama lakhe.
Verse 13: Ngilobela nina boyise, ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Ngilobela nina zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi.
Verse 14: Nginilobele, bantwanyana, ngokuba niyamazi uYise. Nginilobele, boyise, ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Nginilobele, zinsizwa, ngokuba ninamandla, izwi likaNkulunkulu lihlala kini, nimnqobile omubi.
Verse 15: Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye,
Verse 16: ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.
Verse 17: Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
Verse 18: Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza, nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.
Verse 19: Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.
Verse 20: Nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, niyazi nonke.
Verse 21: Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso, kodwa ngokuba niyalazi nangokuba akukho manga avela eqinisweni.
Verse 22: Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Nguye ongumphikukristu ophika uYise neNdodana.
Verse 23: Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise; ovuma iNdodana unaye noYise.
Verse 24: Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kinina. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise.
Verse 25: Yilesi isithembiso yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.
Verse 26: Nganilobela lokho ngabo abanidukisayo.
Verse 27: Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba nobani anifundise; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso, akusiwo amanga, nanjengokuba kunifundisile, hlalani kuye.
Verse 28: Nakalokhu, bantwanyana, hlalani kuye, ukuze, nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni sinyibe kuye ekubonakaleni kwakhe.
Verse 29: Uma nazi ukuthi ulungile, yazini ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.