Verse 1: Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.
Verse 2: Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.
Verse 3: Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.
Verse 4: Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.
Verse 5: Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.
Verse 6: Lowo ohlala kuye akoni; lowo owonayo akambonanga, futhi akamazi.
Verse 7: Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba yena elungile;
Verse 8: owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.
Verse 9: Lowo ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono, ngokuba imbewu yakhe ihlala kuye; futhi akanakona, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.
Verse 10: Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe.
Verse 11: Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane,
Verse 12: kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile.
Verse 13: Ningamangali, bazalwane, uma izwe linizonda.
Verse 14: Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane; ongathandiyo uhlezi ekufeni.
Verse 15: Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali; niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.
Verse 16: Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.
Verse 17: Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?
Verse 18: Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.
Verse 19: Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; sizakuyithulisa inhliziyo yethu phambi kwakhe
Verse 20: ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke.
Verse 21: Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu,
Verse 22: nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.
Verse 23: Yilo umyalo wakhe ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo.
Verse 24: Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.