Verse 1: Abanamathelisa nampa: uNehemiya umbusi, indodana kaHakaliya, noSedekiya,
Verse 2: noSeraya, no-Azariya, noJeremiya,
Verse 3: noPhashuri, no-Amariya, noMalikhiya,
Verse 4: noHathushi, noShebaniya, noMaluki,
Verse 5: noHarimi, noMeremoti, no-Obadiya,
Verse 6: noDaniyeli, noGinethoni, noBaruki,
Verse 7: noMeshulamu, no-Abiya, noMijamini,
Verse 8: noMahaziya, noBiligayi, noShemaya; labo babe ngabapristi.
Verse 9: AmaLevi: uJeshuwa indodana ka-Azaniya, noBinuwi wamadodana kaHenadadi, noKadimiyeli,
Verse 10: nabafowabo oShebaniya, noHodiya, noKelitha, noPhelaya, noHanani,
Verse 11: noMika, noRehobe, noHashabiya,
Verse 12: noZakuri, noSherebiya, noShebaniya,
Verse 13: noHodiya, noBani, noBeninu.
Verse 14: Izinhloko zabantu: oPharoshi, noPhahati Mowabi, no-Elamu, noZathu, noBani,
Verse 15: noBuni, no-Azigadi, noBebayi,
Verse 16: no-Adoniya, noBigivayi, no-Adini,
Verse 17: no-Atheri, noHezekiya, no-Azuri,
Verse 18: noHodiya, noHashumi, noBesayi,
Verse 19: noHarifi, no-Anathoti, noNobayi,
Verse 20: noMagiphiyashi, noMeshulamu, noHeziri,
Verse 21: noMeshezabeli, noSadoki, noJaduwa,
Verse 22: noPhelathiya, noHanani, no-Anaya,
Verse 23: noHosheya, noHananiya, noHashubi,
Verse 24: noHaloheshi, noPhiliha, noShobeki,
Verse 25: noRehumi, noHashabina, noMahaseya,
Verse 26: no-Ahiya, noHanani, no-Anani,
Verse 27: noMaluki, noHarimi, noBahana.
Verse 28: Abantu abaseleyo, abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, namaNethini, nabo bonke ababezahlukanisile nabantu bezwe ukuba bazihlanganise nomthetho kaNkulunkulu, nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, bonke ababe nolwazi nokuhlakanipha,
Verse 29: babambelela kubafowabo, abakhulu babo, benza isithembiso nesifungo sokuba bahambe emthethweni kaNkulunkulu owanikwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu, bagcine, benze yonke imiyalo kaJehova iNkosi yethu, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe
Verse 30: ukuba singabaniki abantu bezwe amadodakazi ethu, singathatheli amadodana ethu amadodakazi abo,
Verse 31: nokuba lapho abantu bezwe beletha impahla, noma uhlobo oluthile lwamabele ngosuku lwesabatha ukuba bathengise ngakho, singathengi kubo ngesabatha nangosuku olungcwele, futhi siwuyeke umnyaka wesikhombisa nazo zonke izikwenetu.
Verse 32: Futhi sazimisela umthetho wokuba sithele inxenye yesithathu yeshekeli ngomnyaka, ibe ngeyomsebenzi wendlu kaNkulunkulu wethu,
Verse 33: eyesinkwa sokubukwa kanye nomnikelo wempuphu wemihla yonke nomnikelo oshiswa imihla yonke, neyamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo, neyezinto ezingcwele, neyeminikelo yezono, ukuba kwenziwe ukubuyisana kuka-Israyeli nomsebenzi wonke wendlu kaNkulunkulu wethu.
Verse 34: Senza inkatho thina bapristi namaLevi nabantu ngomnikelo wezinkuni ukuba zingeniswe endlini kaNkulunkulu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezinqunyiweyo, iminyaka ngeminyaka, zibaswe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu njengokulotshiweyo emthethweni,
Verse 35: kulethwe endlini kaJehova ulibo lomhlabathi wethu nolibo lwezithelo zemithi yezinhlobo zonke iminyaka ngeminyaka,
Verse 36: kulethwe endlini kaNkulunkulu wethu namazibulo amadodana ethu, nawezimpahla zethu njengokulotshiweyo emthethweni, namazibulo ezinkomo zethu nawezimvu zethu, kubapristi abakhonza endlini kaNkulunkulu wethu;
Verse 37: silethe ulibo lomgqakazo wethu, neminikelo yethu yokuphakanyiswa, nezithelo zemithi yezinhlobo zonke, newayini namafutha kubapristi emakamelweni endlu kaNkulunkulu wethu, nokweshumi komhlabathi wethu kumaLevi, ngokuba wona amaLevi amukela okweshumi emizini yonke esilima kuyo.
Verse 38: Umpristi, indodana ka-Aroni, ubeyakuba namaLevi, lapho amaLevi amukela okweshumi; amaLevi ayakukhuphulela okweshumi kokweshumi endlini kaNkulunkulu wethu emakamelweni endlini yengcebo.
Verse 39: Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaLevi babeyakukhuphulela umnikelo wamabele, newayini, namafutha emakamelweni, lapho kukhona izitsha zendlu engcwele, nabapristi abakhonzayo, nabalindisango, nabahlabeleli; besingenakuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.