Nehemiah - Chapter 13

Verse 1: Ngalolo suku kwafundwa encwadini kaMose ezindlebeni zabantu; kwafunyanwa kulotshiwe kuyo ukuthi owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade,

Verse 2: ngokuba abahlangabezanga abakwa-Israyeli ngesinkwa namanzi, kepha babaqashela uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.

Verse 3: Kwathi sebezwile umthetho, bahlukanisa no-Israyeli yonke ingxubevange.

Verse 4: Ngaphambi kwalokho u-Eliyashibi, umpristi, owayemiselwe amakamelo endlu kaNkulunkulu wethu, isihlobo sikaThobiya,

Verse 5: wayemlungisele ikamelo elikhulu, lapho kade bebeka khona iminikelo yempuphu, nenhlaka, nezitsha, nokweshumi kwamabele, newayini, namafutha, okwakunqunyelwe ngomthetho amaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, kanye neminikelo yabapristi.

Verse 6: Kepha kukho konke lokho ngangingekho eJerusalema, ngokuba ngomnyaka wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi yaseBabele ngaya enkosini; nangasekugcineni kwezinsuku ngacela enkosini,

Verse 7: ngaya eJerusalema, ngaqonda okubi u-Eliyashibi akwenzele uThobiya ngokumlungisela ikamelo emagcekeni endlu kaNkulunkulu.

Verse 8: Kwaba kubi kakhulu kimi; ngalahla phandle zonke izinto zendlu kaThobiya zikhishwe ekamelweni.

Verse 9: Ngase ngithi mabahlambulule amakamelo; ngabuyisela khona izitsha zendlu kaNkulunkulu kanye neminikelo yempuphu nenhlaka.

Verse 10: Ngase ngazi ukuthi amaLevi awanikwanga izabelo zawo; amaLevi nabahlabeleli abenza umsebenzi babebalekele, kwaba yilowo nalowo ensimini yakhe.

Verse 11: Ngase ngiphikisana nababusi, ngathi: “Ishiyelweni indlu kaNkulunkulu na?” Ngababutha, ngababeka ezindaweni zabo.

Verse 12: Wonke uJuda wayeseletha okweshumi kwamabele, nokwewayini, nokwamafutha engcebeni.

Verse 13: Ngabeka abaphathizikhwama phezu kwengcebo: nguShelemiya umpristi, noSadoki umbhali, noPhedaya wamaLevi; eceleni kwabo kwakunguHanani kaZakuri kaMathaniya, ngokuba kwathiwa bathembekile; babeyakwabela abafowabo.

Verse 14: Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungesuli izenzo zami zomusa engizenzileyo endlini kaNkulunkulu wami nasenkonzweni yayo.

Verse 15: Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda abanyathela izikhamo zewayini ngesabatha nabaletha izithungu zamabele, bethwesa izimbongolo, newayini, nezithelo zewayini, namakhiwane, nemithwalo yonke, bekungenisa eJerusalema ngosuku lwesabatha; ngabaxwayisa ngosuku abathengisa ngalo lokho kudla.

Verse 16: AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nezimpahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema.

Verse 17: Ngase ngiphikisana nabakhulu bakwaJuda, ngathi kubo: “Okubi kuni lokhu enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?

Verse 18: Abenzanga kanjalo oyihlo, noNkulunkulu wenu akehliselanga yini phezu kwenu konke lokho okubi, naphezu kwalo muzi, na? Nokho nina niyenezela intukuthelo phezu kuka-Israyeli ngokulona isabatha.”

Verse 19: Kwathi lapho amasango aseJerusalema eseqala ukuba mnyama lingakafiki isabatha, ngathi mazivalwe izivalo, ngathi futhi mazingavulwa lize lidlule isabatha, ngabeka ezinye izinceku zami ngasemasangweni ukuba kungangeniswa mthwalo ngosuku lwesabatha.

Verse 20: Abathengi nabathengisi bezimpahla zezinhlobo zonke base belala ngaphandle kweJerusalema kanye nakabili.

Verse 21: Ngabaxwayisa, ngathi kubo: “Nilalelani malungana noganga na? Uma niphinda, ngiyakubeka isandla sami kini.” Kusukela kuleso sikhathi abafikanga ngesabatha.

Verse 22: Ngasho kumaLevi ukuba azihlambulule, eze, alinde amasango, angcwelise usuku lwesabatha. Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobuningi bomusa wakho.

Verse 23: Futhi ngalezo zinsuku ngabona abaJuda ababezithathele abesifazane base-Ashidodi, nabakwa-Amoni, nabakwaMowabi.

Verse 24: Abantwana babo bakhuluma ngokwenxenye ngesi-Ashidodi; bengenakukhuluma isiJuda bakhuluma ngolimi lwezizwe ngezizwe.

Verse 25: Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: “Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.

Verse 26: Akonanga ngalokho uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli na? Phakathi kwezizwe eziningi kwakungekho nkosi enjengaye; wayethandekile kuNkulunkulu wakhe; uNkulunkulu wambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; nokho abesifazane babezizwe bamonisa naye.

Verse 27: Sekuzwakele nangani ukuthi nenzile konke lokho okubi kakhulu ukuba niphambuke kuNkulunkulu wethu ngokuzithathela abesifazane babezizwe.”

Verse 28: Enye yamadodana kaJoyada indodana ka-Eliyashibi umpristi omkhulu yayingumkhwenyana kaSanibalati umHoroni; ngamxosha kimi.

Verse 29: Bakhumbule, Nkulunkulu wami, ngokuba bangcolisile ubupristi nesivumelwano sabapristi nesamaLevi.

Verse 30: Ngase ngibahlambulula kukho konke okwabezizwe, nganquma izimfanelo zabapristi namaLevi, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe,

Verse 31: nomnikelo wezinkuni ngezikhathi ezinqunyiweyo, nolibo. Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, kube kuhle kimi.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories