Verse 1: Kwathi lapho ugange selwakhiwe, sengimisile izivalo, futhi kubekiwe abalindisango nabahlabeleli namaLevi,
Verse 2: ngayaleza uHanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo, wamesaba uNkulunkulu kunabaningi.
Verse 3: Ngathi kubo: “Amasango aseJerusalema mawangavulwa lize lishise ilanga; besemi, mabavale izivalo, baziqinise; bekani abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo emlindweni wakhe, yilowo abe malungana nendlu yakhe.”
Verse 4: Umuzi wawubanzi nxazombili; wawumkhulu, kepha abantu babe yingcosana phakathi kwawo, izindlu zingakakhiwa.
Verse 5: UNkulunkulu wami wabeka enhliziyweni yami ukuba ngibuthe abakhulu, nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane. Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi:
Verse 6: Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kubo ababethunjwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,
Verse 7: abafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, no-Azariya, noRahamiya, noNahamani, noMoridekayi, noBilishani, noMisipereti, noBigivayi, noNehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:
Verse 8: abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;
Verse 9: abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;
Verse 10: abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili;
Verse 11: abantwana bakwaPhahati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nesishiyagalombili;
Verse 12: abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
Verse 13: abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane nanhlanu;
Verse 14: abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;
Verse 15: abantwana bakwaBinuwi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nesishiyagalombili;
Verse 16: abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nesishiyagalombili;
Verse 17: abantwana bakwa-Azigadi: yizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu namashumi amabili nambili;
Verse 18: abantwana bakwa-Adonikamu: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesikhombisa;
Verse 19: abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisithupha nesikhombisa;
Verse 20: abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nanhlanu;
Verse 21: abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;
Verse 22: abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nesishiyagalombili;
Verse 23: abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nane;
Verse 24: abantwana bakwaHarifi: yikhulu neshumi nambili;
Verse 25: abantwana bakwaGibeyoni: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu.
Verse 26: Amadoda aseBetlehema naseNethofa: yikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili;
Verse 27: amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;
Verse 28: amadoda aseBeti Azimaveti: ngamashumi amane nambili;
Verse 29: amadoda aseKiriyati Jeharimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;
Verse 30: amadoda aseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;
Verse 31: amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;
Verse 32: amadoda aseBethele nase-Ayi: yikhulu namashumi amabili nantathu;
Verse 33: amadoda elinye iNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;
Verse 34: abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
Verse 35: abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;
Verse 36: abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;
Verse 37: abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye;
Verse 38: abantwana baseSenawa: yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu.
Verse 39: Abapristi: abantwana bakwaJedaya, abendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;
Verse 40: abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;
Verse 41: abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;
Verse 42: abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.
Verse 43: AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa kaKadimiyeli babantwana bakwaHodeva: ngamashumi ayisikhombisa nane.
Verse 44: Abahlabeleli: abantwana bakwa-Asafa: yikhulu namashumi amane nesishiyagalombili.
Verse 45: Abalindisango: abantwana bakwaShalumi, nabantwana bakwa-Atheri, nabantwana bakwaThalimoni, nabantwana bakwa-Akubi, nabantwana bakwaHathita, nabantwana bakwaShobayi: yikhulu namashumi amathathu nesishiyagalombili.
Verse 46: AmaNethini: ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti,
Verse 47: nabantwana bakwaKerosi, nabantwana bakwaSiya, nabantwana bakwaPhadoni,
Verse 48: nabantwana bakwaLebana, nabantwana bakwaHagaba, nabantwana bakwaShalimayi,
Verse 49: nabantwana bakwaHanani, nabantwana bakwaGideli, nabantwana bakwaGahari,
Verse 50: nabantwana bakwaRewaya, nabantwana bakwaResini, nabantwana bakwaNekhoda,
Verse 51: nabantwana bakwaGazamu, nabantwana bakwa-Uza, nabantwana bakwaPhaseya,
Verse 52: nabantwana bakwaBesayi, nabantwana bakwaMehuni, nabantwana bakwaNefushesimi,
Verse 53: nabantwana bakwaBakibuki, nabantwana bakwaHakufa, nabantwana bakwaHarihuri,
Verse 54: nabantwana bakwaBasiluthi, nabantwana bakwaMehida, nabantwana bakwaHarisha,
Verse 55: nabantwana bakwaBarikhosi, nabantwana bakwaSisera, nabantwana bakwaThema,
Verse 56: nabantwana bakwaNesiya, nabantwana bakwaHathifa.
Verse 57: Abantwana bezinceku zikaSolomoni: ngabantwana bakwaSothayi, nabantwana bakwaSofereti, nabantwana bakwaPherida,
Verse 58: nabantwana bakwaJahala, nabantwana bakwaDarikoni, nabantwana bakwaGideli,
Verse 59: nabantwana bakwaShefathiya, nabantwana bakwaHathili, nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi, nabantwana bakwa-Amoni.
Verse 60: Onke amaNethini nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisihiyagalolunye nambili.
Verse 61: Nampa abakhuphuka eTheliMela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adoni, nase-Imeri, kepha bebengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babe ngabakwa-Israyeli yini:
Verse 62: abantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili.
Verse 63: Kubapristi: ngabantwana bakwaHobaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi owathatha umfazi kumadodakazi kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.
Verse 64: Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha akufunyanwanga; ngalokho kwathiwa bangcolile, bakhishwa ebupristini.
Verse 65: Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumimi.
Verse 66: Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,
Verse 67: ngaphandle kwezinceku zabo nezi ncekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu.
Verse 68: Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;
Verse 69: amakamela ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.
Verse 70: Ezinye izinhloko zanikelela umsebenzi; umbusi wanikelela isikhwama amadarike ayinkulungwane egolide, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu.
Verse 71: Ezinye izinhloko zawoyise zanikelela isikhwama somsebenzi amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amabili esiliva.
Verse 72: Abakunikelayo abanye abantu kwakungamadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide, namamane ayizinkulungwane ezimbili esiliva, nezambatho zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa.
Verse 73: Base behlala-ke abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, nabanye abantu, namaNethini, naye wonke u-Israyeli emizini yabo. Kwathi lapho inyanga yesikhombisa isifikile, abantwana bakwa-Israyeli babe semizini yabo.