Daniel - Chapter 11

Verse 1: Mina-ke, ngomnyaka wokuqala kaDariyu umMede, ngema ukumqinisa ukuba abe namandla.

Verse 2: “Kalokhu ngiyakukutshela iqiniso. Bheka, kusezakuvela amakhosi amathathu ePheresiya; eyesine iyakunotha kunawo onke; isiqinile ngengcebo yayo iyakuvusa bonke ukulwa nombuso waseJavani.

Verse 3: Kuyakuvela inkosi enamandla eyakubusa ngokubusa okukhulu, yenze njengentando yayo.

Verse 4: Iyakwanele ukuvela nje, umbuso wayo uyakufohlozwa, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu, ungabi ngowenzalo yayo, ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho, ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba.

Verse 5: “Inkosi yaseningizimu iyakuba namandla, kanjalo esinye sezikhulu zayo, yebo, sibe namandla kunayo, sibuse, nokubusa kwaso kuyakuba ngukubusa okukhulu.

Verse 6: Ngasekupheleni kweminyaka bayakuhlangana, kufike indodakazi yenkosi yaseningizimu enkosini yasenyakatho ukwenza isivumelwano; kepha ayiyikugcina amandla engalo, nayo inkosi ayiyikuma nengalo yayo, kodwa iyakunikelwa nabayilethayo, nowayizalayo, nowayisizayo ngalezo zikhathi.

Verse 7: “Kepha ehlumeleni lezimpande zayo kuyakuvela omunye esikhundleni sayo oyakuya empini, angene enqabeni yenkosi yasenyakatho, amelane nabo, ahlule.

Verse 8: Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.

Verse 9: Kepha yona iyakungena embusweni wenkosi yaseningizimu, kodwa iyakubuyela ezweni lakubo.

Verse 10: Amadodana ayo ayakuhloma, abuthe isixuku sezimpi eziningi; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo.

Verse 11: “Inkosi yaseningizimu iyakubaba, iphume, ilwe nenkosi yasenyakatho; iyakuveza isixuku esikhulu, isixuku sinikelwe esandleni sayo.

Verse 12: Kepha isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyikuba namandla.

Verse 13: Inkosi yasenyakatho iyakubuya, iveze isixuku esikhulu kunesokuqala, ifike nokufika ngasekupheleni kwezikhathi eziyiminyaka nempi enkulu nempahla eningi.

Verse 14: “Ngalezo zikhathi abaningi bayakuyisukela inkosi yaseningizimu, nabaphangi babantu bakho bayakuziphakamisa ukuwuqinisa umbono, kepha bayakuwa.

Verse 15: Iyakufika inkosi yasenyakatho, inqwabele iduli, ithathe umuzi obiyelweyo; izingalo zaseningizimu aziyikuma, nabantu bayo abakhethiweyo abayikuba namandla okuma.

Verse 16: Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.

Verse 17: Uyakubhekisa ubuso bakhe ukufika namandla ombuso wakhe wonke kanye nezivumelwano, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayonakalise, kepha ayiyikuma, ingabi ngowakhe.

Verse 18: Useyakubuphendulela ubuso bakhe eziqhingini, athathe eziningi, kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye.

Verse 19: Useyakubuphendulela ubuso bakhe ezinqabeni zezwe lakubo, kepha uyakukhubeka, awe, angabe esafunyanwa.

Verse 20: “Bese kuvela esikhundleni sakhe oyakudlulisa umthelisi emhlobisweni wombuso, kepha ngezinsuku eziyingcosana uyakubhujiswa, kungabi ngolaka nangokulwa kodwa.

Verse 21: “Esikhundleni sakhe kuyakuvela odelelekileyo abangamnikanga udumo lobukhosi; uyakufika ngesikhathi sokuthula, athathe umbuso ngobushelezi.

Verse 22: Ngengalo yesifufula bayakukhukhulwa ebusweni bakhe, babhujiswe, yebo, nesikhulu sesivumelwano.

Verse 23: Emva kokuvumelana naye uyakusebenza ngenkohliso, ngokuba uyakukhuphuka, abe namandla enesizwe esincane nje.

Verse 24: Ngesikhathi sokuthula uyakusukela izindawo ezinonileyo zesifunda, akwenze okungenziwanga ngoyise nangoyisemkhulu: uyakuhlakaza phakathi kwabo impango, nengcugco, nempahla, acebe amacebo ngezinqaba kube yisikhathi.

Verse 25: “Uyakuvusela inkosi yaseningizimu amandla akhe nesibindi sakhe ngempi enkulu, inempi enkulu enamandla impela; kepha ayiyikuma, ngokuba bayakuceba amacebo ngayo.

Verse 26: Abadla ukudla kwayo okumnandi bayakuyibhubhisa, impi yayo ikhukhulwe; abaningi bayakuwa phansi begwaziwe.

Verse 27: Amakhosi-ke omabili, izinhliziyo zawo ziyakuba ngezokwenza okubi; ayakukhuluma amanga esetafuleni linye, kepha akuyikuphumelela, ngokuba ukuphela kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.

Verse 28: Bese ibuyela ezweni lakubo inempahla enkulu, inhliziyo yayo imelane nesivumelwano esingcwele; isikwenzile iyakubuyela ezweni lakubo.

Verse 29: “Ngesikhathi esinqunyiweyo iyakubuya, iye eningizimu; kepha akuyikuba sekugcineni njengasekuqaleni.

Verse 30: Imikhumbi yaseKitimi iyakuyisukela; bese idabuka, ibuye ithukuthelele isivumelwano esingcwele, ifeze; iyakubuya, inake abasishiyile isivumelwano esingcwele.

Verse 31: “Izimpi ziyakuvela nayo, zingcolise indlu engcwele, inqaba, zisuse umnikelo oshiswa imihla yonke, zimise isinengiso esichithayo.

Verse 32: Iyakonakalisa ngokuthopha abaphatha kabi isivumelwano, kepha abantu abamaziyo uNkulunkulu wabo bayakuba namandla, baphikelele.

Verse 33: “Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi; kepha bayakuwa ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.

Verse 34: Ekuweni kwabo bayakusizwa ngokusizwa okuncane, bese bebambelela kubo abaningi ngokuthopha.

Verse 35: Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukuba bacwengisiswe, bahlanzwe, benziwe mhlophe kuze kube sesikhathini sokuphela, ngokuba kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.

Verse 36: “Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.

Verse 37: Ayiyikunakekela onkulunkulu bawoyise nofiswa yisifazane, inganaki nonkulunkulu oyedwa, ngokuba iyakuzikhulisa phezu kwabo bonke.

Verse 38: Kepha unkulunkulu wezinqaba uyakumdumisa esikhundleni sabo, nonkulunkulu ababengamazi oyise uyakumdumisa ngegolide, nangesiliva, nangamatshe anqabileyo nangokunye okuthandiweyo.

Verse 39: Iyakwenze njalo ezinqabeni ezinamandla inonkulunkulu ongowabezizwe; omvumayo iyakumandisela udumo, imenze ukuba abuse abaningi, imahlukanisele izwe libe ngumvuzo wakhe.

Verse 40: “Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngezinqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.

Verse 41: Iyakungena nasezweni elihle, namanye amaningi ayakukhubeka, kepha lana ayakophulwa esandleni sayo: o-Edomi, noMowabi, nemvama yabantwana bakwa-Amoni. 11:41 Dan. 8:9; 11:16.

Verse 42: Iyakwelulela isandla emazweni, nezwe laseGibithe aliyikubaleka.

Verse 43: Iyakubusa phezu kwengcebo yegolide nesiliva, naphezu kwakho konke okuthandiweyo kwaseGibithe; amaLubi namaKushe ayakuba sezinyathelweni zayo.

Verse 44: Iyakwethuswa yimibiko evela empumalanga nasenyakatho; iyakuphuma ngokufutheka okukhulu ukuchitha nokubhubhisa abaningi.

Verse 45: Iyakumisa itende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele; kepha iya nokho ekupheleni kwayo, akakho ongayisiza.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories