Daniel - Chapter 6

Verse 1: Kwaba kuhle kuDariyu ukubeka phezu kombuso izikhulu eziyikhulu namashumi amabili ebeziyakuba sembusweni wonke.

Verse 2: Phezu kwazo wamisa abongameli abathathu, uDaniyeli engomunye wabo, ukuba izikhulu zibike kubo, ukuze inkosi ingalimali ngalutho.

Verse 3: Khona uDaniyeli lo wabadlula abongameli nezikhulu, ngokuba umoya ophakemeyo wawukuye; inkosi yayicabanga ukummisa phezu kombuso wonke.

Verse 4: Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye.

Verse 5: Ayesethi lawa madoda: “Asiyikuthola lutho ngoDaniyeli, uma singalutholi kokuqondene nomthetho kaNkulunkulu wakhe.”

Verse 6: Base bebuthana labo bongameli nezikhulu enkosini, basho kanje kuyo, bathi: “Mana njalo, nkosi Dariyu.

Verse 7: Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.

Verse 8: Kalokhu, nkosi, simemezele isiyalezo, ulobe umbhalo ukuba ungaguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”

Verse 9: Ngokunjalo inkosi uDariyu yayisiloba umbhalo nesiyalezo.

Verse 10: UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.

Verse 11: Ayesebuthana lawo madoda, amfumana uDaniyeli ekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe.

Verse 12: Asondela, akhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi, athi: “Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocela nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na?” Inkosi yaphendula yathi: “Iqinisile leyo nto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”

Verse 13: Ayesephendula ethi phambi kwenkosi: “UDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda akakunaki wena nkosi, nesiyalezo osilobileyo, kepha uyacela isicelo sakhe kathathu ngosuku.”

Verse 14: Lapho inkosi isizwile lawa mazwi, yadabuka kakhulu, yayibeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule, yazama ukumophula kwaze kwaba sekushoneni kwelanga.

Verse 15: Ayesebuthana lawo madoda enkosini, athi enkosini: “Yazi, nkosi, ukuthi kungumthetho wamaMede namaPheresiya ukuba kungaguqulwa isiyalezo nesimiso esimiswa yinkosi.”

Verse 16: Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “UNkulunkulu wakho omkhonza njalo uyakukukhulula.”

Verse 17: Kwase kulethwa itshe, labekwa emlonyeni womphandu, inkosi yalinamathelisa ngendandatho yayo nangendandatho yizikhulu zayo, ukuze kungaguqulwa lutho maqondana noDaniyeli.

Verse 18: Inkosi yase iya endlini yayo yobukhosi, yadlulisa ubusuku izila; izinkenezo zokubethwa azilethwanga kuyo, nobuthongo bayibalekela.

Verse 19: Inkosi yavuka ekuseni kakhulu, yashesha yaya emphandwini wezingonyama.

Verse 20: Kwathi isisondele emphandwini kuDaniyeli, yamemeza ngezwi elikhalayo; inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Daniyeli, wena nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakukhulula kuzo izingonyama na?”

Verse 21: UDaniyeli wathi enkosini: “Mana njalo, nkosi.

Verse 22: UNkulunkulu uthumile ingelosi yakhe, wavimba imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwafunyanwa kimi ukungabi nacala phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angenzanga okubi.”

Verse 23: Yayisijabula kakhulu inkosi, yayaleza ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa emphandwini, akufunyanwanga mcothu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.

Verse 24: Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona nabantwana bawo, nawomkawo; izingonyama zatheleka phezu kwabo, zachoboza amathambo abo, bengakafinyeleli phansi emphandwini.

Verse 25: UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke ukuthi: “Ukuthula makwande kinina.

Verse 26: “Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba “unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade, nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.

Verse 27: Uyakhulula, ophule; uyenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni, yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.”

Verse 28: UDaniyeli wayeseqhubeka ngesineke ekubuseni kukaDariyu, nasekubuseni kukaKoresi umPheresiya.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories