Verse 1: Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwenkosi uBelishasari kwabonakala kimi mina Daniyeli umbono emva kwalokho okwabonakala kimi kuqala.
Verse 2: Ngabona embonweni; kwase kuthi ekuboneni kwami ngangiseShushani endlini yenkosi esifundeni sase-Elamu; ngabona-ke embonweni, ngangisemfuleni i-Ulayi.
Verse 3: Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwakumi phambi komfula inqama inezimpondo ezimbili; lezo zimpondo ezimbili zazithaphile, kepha olunye lwaluthaphe kunolunye, oluthaphileyo lwavela muva.
Verse 4: Ngabona inqama iqhubukusha ngasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu; kwakungekho silo ebesinokuma phambi kwayo, kwakungekho ongophula esandleni sayo, kepha yenza njengentando yayo, yazikhulisa.
Verse 5: Ngisacabanga, bheka, kwavela impongo ngasentshonalanga ebusweni bawo wonke umhlaba, ingawuthinti umhlaba kodwa; impongo yayinophondo oluqhamileyo emkhathini wamehlo ayo.
Verse 6: Yafika enqameni eyayinezimpondo ezimbili, engayibona imi phambi komfula, yatheleka kuyo ngokufutheka kwayo okunamandla.
Verse 7: Ngayibona isondela kakhulu enqameni, yababa ngayo, yayishaya inqama, yazaphula izimpondo zayo ezimbili; kwakungekho mandla enqameni okuma phambi kwayo, kepha yayiphonsa phansi, yayinyathela, kwakungekho ongayophula inqama esandleni sayo.
Verse 8: Impongo yayisizikhulisa kakhulu; kwathi lapho isinamandla, uphondo olukhulu lwaphuka; esikhundleni salo kwamila ezine ziqhamela ngasemimoyeni yomine yezulu.
Verse 9: Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, nangasempumalanga, nangasezweni elihle.
Verse 10: Lwakhula kwaze kwaba nasebandleni lasezulwini, lwaphonsa phansi okunye kwebandla, okwezinkanyezi, lwakunyathela.
Verse 11: Yebo, lwazikhulisa kwaze kwaba nasesikhulwini sebandla, lwasaphuca umnikelo oshiswa imihla yonke, nendawo yendlu yaso engcwele yaphonswa phansi.
Verse 12: Kwabekwa impi yokulwa kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke ngesiphambeko: lwaphonsa phansi iqiniso, lwenza njengentando yalo, lwaba nempumelelo.
Verse 13: Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele wathi kulowo owakhuluma: “Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esichithayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?”
Verse 14: Wathi kimi: “Koze kube yizikhathi zokuhlwa nezokusa eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu; bese yihlanjululwa indlu engcwele.”
Verse 15: Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli, ngafuna ukuwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami kungathi isimo somuntu.
Verse 16: Ngezwa izwi lomuntu phakathi kwe-Ulayi elalimemeza lathi: “Gabriyeli, menze lo ukuba aqonde umbono.”
Verse 17: Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami; kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”
Verse 18: Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.
Verse 19: Wathi: “Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ngasekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela.
Verse 20: Inqama oyibonileyo inezimpondo ezimbili, zingamakhosi aseMediya nasePheresiya.
Verse 21: Impongo iyinkosi yaseJavini; uphondo olukhulu olusemkhathini wamehlo ayo luyinkosi yokuqala.
Verse 22: Kepha olwaphukileyo, esikhundleni salo okwavela ezine, kuyakuvela imibuso emine esizweni salo, ingenamandla alo kodwa.
Verse 23: “Ekugcineni kokubusa kwayo, lapho izihlubuki seziphelele, inkosi elukhuni ngobuso, eqonda izimfumbe, iyakuvela.
Verse 24: Iyakuba namandla amakhulu, ingenamandla eyokuqala kodwa; iyakuchitha ngokumangalisayo, iphumelele ukukwenza; iyakuchitha abanamandla nabantu abangcwele.
Verse 25: Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.
Verse 26: “Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”
Verse 27: Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.