Verse 1: Yizwani izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.
Verse 2: “Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi.
Verse 3: Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.
Verse 4: “Makungabikho ophikisana nomunye, asole omunye; nokho abantu bakho bayakuphikisana nabapristi.
Verse 5: Mpristi, uyakukhubeka emini, kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku; nonyoko ngiyakumbhubhisa.
Verse 6: Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.
Verse 7: Njengokwanda kwabo, kanjalo bona kimi; udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.
Verse 8: Badla izono zabantu bami, babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.
Verse 9: Kuyakuthi njengabantu abe njalo umpristi: ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo, ngibuyisele kubo izenzo zabo.
Verse 10: “Bayakudla, bangasuthi kodwa; bayakufeba, bangandi kodwa, ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova.
Verse 11: Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo.
Verse 12: Abantu bami babuza emthini, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.
Verse 13: Bayahlabela eziqongweni zezintaba, bashisa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki nemipopula nemitherebinte, ngokuba umthunzi wakho muhle; kungalokho amadodakazi enu ayafeba, nawomakoti benu bayaphinga.
Verse 14: “Angiyikuwajezisa amadodakazi enu, lapho efeba, nawomakoti benu lapho bephinga, ngokuba namadoda achezukela iziphingi, ahlaba kanye nezifebe zethempeli. Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.
Verse 15: “Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova.’
Verse 16: Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole; uJehova angabelusa njengemvana endaweni ebanzi na?
Verse 17: U-Efrayimi uhlangene nezithombe; myeke.
Verse 18: Ukuphuza kwabo sekuphelile; bayafeba nokufeba; izikhulu zabo zithandisisa ihlazo.
Verse 19: Umoya ubasongile ngamaphiko awo; bayakujabha ngemihlatshelo yabo.