Verse 1: “Lapho bengiyakumphulukisa u-Israyeli, bambulelwa ububi buka-Efrayimi nokubi kweSamariya, ngokuba benza inkohliso, amasela ayafohla, nabaphangi baphanga ngaphandle.
Verse 2: Abacabangi ezinhliziyweni zabo ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo; sebezungeziwe yizenzo zabo, ziphambi kobuso bami.
Verse 3: “Ngobubi babo bayathokozisa inkosi, nezikhulu ngamanga abo.
Verse 4: Bayiziphingi bonke; banjengeziko elishiswa ngumphekisinkwa oyeka ukukhwezela kusukela ekuxovweni kwenhlama kuze kube sekubileni kwayo.
Verse 5: Ngosuku lwenkosi yethu izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini; yona yayiselulela izideleli isandla.
Verse 6: Lapho sebeshisile izinhliziyo zabo ngamacebo zibe njengeziko, umphekisinkwa wabo ulala ubusuku bonke; ekuseni liyavutha njengomlilo wamalangabi.
Verse 7: Bonke bashisa njengeziko, badla abahluleli babo; onke amakhosi abo ayawa, kungekho phakathi kwabo ongibizayo.
Verse 8: “U-Efrayimi uyazihlanganisa nabanye abantu: u-Efrayimi uyiqebelengwane elingaphendulwanga.
Verse 9: Abafokazi badlile amandla akhe, kepha yena akazi; izimvi zikhahlele kuye, kepha yena akazi.
Verse 10: Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu.
Verse 11: “U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo; bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.
Verse 12: Lapho sebehamba, ngiyabenekela inetha lami, ngibehlise njengezinyoni zezulu, ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.
Verse 13: Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Makube ngukuchithwa kubo, ngokuba baphambukile kimi! Bengiyakubahlenga mina labo abakhulume amanga ngami na?
Verse 14: Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo, kepha bahhewula emibhedeni yabo; banovalo ngamabele abo nangewayini labo, kepha mina bayangihlubuka.
Verse 15: Mina-ke ngafundisa, ngaqinisa izingalo zabo, nokho baceba okubi ngami.
Verse 16: Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu, bafana nomnsalo ogejayo; izikhulu ziyakuwa ngenkemba ngenxa yolaka lolimi lwabo. Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.