Verse 1: “Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwahlulela kukinina, lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.
Verse 2: Abahlubuki bashone phansi ngokuhlaba kwabo, kepha ngingumlayi wabo bonke.
Verse 3: Ngiyamazi mina u-Efrayimi, u-Israyeli akafihlekile kimi, ngokuba manje, Efrayimi, ufebile, u-Israyeli uzingcolisile.
Verse 4: “Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu, ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo, noJehova abamazi.
Verse 5: Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe; o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo; naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.
Verse 6: Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zabo ukuyofuna uJehova; kepha abayikumfumana; umonyukile kubo.
Verse 7: Bamkhohlisile uJehova, ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi; manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo.
Verse 8: “Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama; hlabani umkhosi eBeti Aveni: basemva kwakho, Benjamini!
Verse 9: U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.
Verse 10: Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele; ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi.
Verse 11: U-Efrayimi ucindezelekile, uchotshoziwe ekwahlulelweni, ngokuba wavuma ukulandela umyalo oyize.
Verse 12: Mina-ke senginjengenundu ku-Efrayimi, nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda.
Verse 13: “Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe noJuda isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kepha ingeniphulukise, ayinakusipholisa isilonda senu.
Verse 14: Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi, nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda; mina yebo, mina ngiyakudwengula, besengimuka; ngiyakususa, kungekho owophulayo.
Verse 15: Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, baze bazithwese icala labo, bafune ubuso bami; osizini lwabo bayakungifunisisa.”