Verse 1: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indawo, lowo uyisela nomphangi.
Verse 2: Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu.
Verse 3: Umlindisango uyamvulela lowo; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle.
Verse 4: Nxa esezikhiphile ezakhe zonke, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba zilazi izwi lakhe.
Verse 5: Kepha umfokazi azisoze zamlandela, kodwa ziyakumbalekela, ngokuba zingalazi izwi labafokazi.”
Verse 6: UJesu washo lo mfanekiso kubo; kepha bona abezwisisanga ukuba kuyini lokho akukhuluma kubo.
Verse 7: Ngakho-ke uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.
Verse 8: Bonke abafike ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga.
Verse 9: Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo.
Verse 10: Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
Verse 11: “Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.
Verse 12: Okhokhelwayo engesiye umalusi, izimvu zingesizo ezakhe, ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke — impisi izibhozomele, izihlakaze —
Verse 13: ngokuba engokhokhelwayo, engazinakekeli izimvu.
Verse 14: “Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi,
Verse 15: njengalokhu uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba; ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.
Verse 16: Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.
Verse 17: Ngalokho uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthabathe.
Verse 18: Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe. Lo myalo ngiwamukele kuBaba.”
Verse 19: Kwaba khona futhi ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawo mazwi.
Verse 20: Abaningi kubo bathi: “Unedemoni, uyahlanya; nimlalelelani na?”
Verse 21: Abanye bathi: “Lawo mazwi akusiwo awomuntu onedemoni; imbala idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na?”
Verse 22: Khona kwakungumkhosi wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika.
Verse 23: UJesu wayehamba ethempelini emphemeni kaSolomoni.
Verse 24: Base bemhaqa abaJuda bethi kuye: “Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.”
Verse 25: UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.
Verse 26: Kodwa nina anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami.
Verse 27: Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela;
Verse 28: ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami.
Verse 29: UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.
Verse 30: Mina noBaba simunye.”
Verse 31: AbaJuda base bebuye bethatha amatshe ukuba bamkhande.
Verse 32: UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”
Verse 33: Bamphendula abaJuda, bathi: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu.”
Verse 34: UJesu wabaphendula wathi: “Akulotshiwe yini emthethweni wakini ukuthi: ‘Ngithe: Ningonkulunkulu,’ na?
Verse 35: Uma wathi bangonkulunkulu bona eleza kubo izwi likaNkulunkulu — nombhalo ungeqiwe —
Verse 36: nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu,’ na?
Verse 37: Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi.
Verse 38: Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuBaba.”
Verse 39: Base befuna futhi ukumbamba, kepha waphunyuka esandleni sabo.
Verse 40: Waphinda wamuka, waya phesheya kweJordani kuleyo ndawo lapho uJohane waqala ukubhapathiza khona, wahlala lapho.
Verse 41: Nabaningi beza kuye, bathi: “UJohane nempela akenzanga sibonakaliso nasinye, kepha konke uJohane akusho ngalowo muntu kwakuqinisile.”
Verse 42: Abaningi bakholwa nguye lapho.