John - Chapter 5

Verse 1: kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema.

Verse 2: Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu.

Verse 3: Kwakulele kuyo abagulayo abaningi kakhulu, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi.

Verse 4: Ngokuba ingelosi yayehla izikhathi ngezikhathi, izamazamise amanzi, kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwamanzi asinde esifweni sakhe, noma enasifo sini.

Verse 5: Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili.

Verse 6: UJesu embona elele, azi ukuthi usenesikhathi eside enjalo, wathi kuye: “Uyathanda ukusinda na?”

Verse 7: Ogulayo wamphendula wathi: “Nkosi, anginamuntu wokungifaka echibini, nxa amanzi ezanyazanyiswa; kuthi ngiseza, kwehle omunye phambi kwami.”

Verse 8: UJesu wathi kuye: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.”

Verse 9: Wayesephila masinyane lowo muntu, wathabatha uhlaka lwakhe, wahamba. Kwakuyisabatha ngalolo suku.

Verse 10: Khona base bethi abaJuda kophilisiweyo: “Yisabatha, akuvunyiwe uthwale uhlaka.”

Verse 11: Wabaphendula wathi: “Ongiphilisileyo nguyena othe kimi: ‘Thabatha uhlaka lwakho, uhambe.’ ”

Verse 12: Bambuza bathi: “Ngubani lowo muntu othe kuwe: ‘Thabatha uhlaka lwakho uhambe,’ na?”

Verse 13: Kepha ophilisiweyo wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayemukile lapho, kukhona isixuku kuleyo ndawo.

Verse 14: Emva kwalokho uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, uphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokho.”

Verse 15: Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo.

Verse 16: Ngenxa yalokho abaJuda bamzingela uJesu, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha.

Verse 17: Kepha wabaphendula wathi: “UBaba usebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.”

Verse 18: Ngalokho-ke abaJuda kwayikhona befuna kakhulu ukumbulala, ngokuba wayengaphulile isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana noNkulunkulu.

Verse 19: Khona uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.

Verse 20: Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale.

Verse 21: Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.

Verse 22: Ngokuba noYise kahluleli muntu; ukunike iNdodana konke ukwahlulela

Verse 23: ukuba bonke bazise iNdodana, njengokuba bazisa uYise. Ongayazisi iNdodana kamazisi noYise oyithumileyo.

Verse 24: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.

Verse 25: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu; abezwayo bayakuphila.

Verse 26: Ngokuba njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo uyiphile neNdodana ibe nokuphila ngokwayo.

Verse 27: Uyiphile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.

Verse 28: “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo,

Verse 29: abenze ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.

Verse 30: Mina ngingenze lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo; ukwahlulela kwami kulungile, ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.

Verse 31: “Uma ngizifakazela mina, ubufakazi bami abuqinisile.

Verse 32: Ngomunye ofakaza ngami; ngiyazi ukuthi ubufakazi angifakazela ngabo buqinisile.

Verse 33: “Nina nithumele kuJohane, walifakazela iqiniso.

Verse 34: Kepha mina angibamukeli ubufakazi kumuntu; kodwa ngisho lokhu ukuba nisindiswe.

Verse 35: Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo; nina-ke benithanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.

Verse 36: “Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.

Verse 37: NoBaba ongithumileyo ufakazile ngami. Anizange nizwe izwi lakhe, anisibonanga isimo sakhe.

Verse 38: Nezwi lakhe aninalo elihleziyo phakathi kwenu, ngokuba amthumileyo yena lowo anikholwa nguye.

Verse 39: Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.

Verse 40: Kepha anivumi ukuza kimi ukuba nibe nokuphila.

Verse 41: “Mina angamukeli udumo kubantu.

Verse 42: Kepha ngiyanazi nina ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu phakathi kwenu.

Verse 43: Ngize egameni likaBaba, aningamukeli; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyakumamukela yena.

Verse 44: Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?

Verse 45: “Ningacabangi ukuthi ngiyakunimangalela kuBaba; ukhona onimangalelayo, uMose enithemba kuye.

Verse 46: Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami.

Verse 47: Kodwa uma ningakholwa yimibhalo yakhe, niyakukholwa kanjani ngamazwi ami na?”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories