Verse 1: UJehova wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu.
Verse 2: Ecebileyo yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu,
Verse 3: kepha empofu yayingenalutho, inexhukazana lilinye elincane nje kuphela, eyayilithengile yalondla; lakhulela kuyo nakubantwana bayo; ladla ucezu lwayo, laphuza esitsheni sayo, lalala esifubeni sayo, lalinjengendodakazi kuyo.
Verse 4: “Kwase kufika isihambi endodeni ecebileyo, yayeka ukuthatha ezimvini nasezinkomeni zayo ukusilungisela leso sihambi esasifike kuyo, kepha yathatha ixhukazana lendoda empofu, yalilungisela umuntu owayefike kuyo.”
Verse 5: Intukuthelo kaDavide yavutha kakhulu ngalowo muntu, wathi kuNathani: “Kuphila kukaJehova, umuntu owenze lokho ufanele ukufa;
Verse 6: uyakulibuyisa ixhukazana, liphindwe kane, ngokuba enze lokho nangokuba wayengenasihawu.”
Verse 7: UNathani wathi kuDavide: “Nguwe lowo muntu. Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngakugcoba ube yinkosi phezu kuka-Israyeli, ngakophula esandleni sikaSawule,
Verse 8: ngakunika indlu yenkosi yakho, nabafazi benkosi yakho esifubeni sakho, ngakupha indlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda; uma lokho bekukuncane, ngangiyakukwenezela lokhu nalokho.
Verse 9: Udeleleleni izwi likaJehova ukuba wenze okubi emehlweni akhe na? Ubulele u-Uriya umHeti ngenkemba, wathatha umkakhe abe ngumkakho, wambulala ngenkemba yabantwana bakwa-Amoni.
Verse 10: Ngalokho inkemba ayiyikusuka endlini yakho, ngokuba ungidelele, wathatha umka-Uriya umHeti ukuba abe ngumkakho.’
Verse 11: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuvusela okubi okuvela endlini yakho, ngithathe abafazi bakho phambi kwamehlo akho, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabafazi bakho ekukhanyeni kwaleli langa.
Verse 12: Ngokuba wena wakwenza ngasese, kepha mina ngiyakukwenza lokhu phambi kuka-Israyeli wonke naphambi kwelanga.’ ”
Verse 13: UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuJehova.” UNathani wathi kuDavide: “NoJehova ususile isono sakho; awuyikufa.
Verse 14: Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.”
Verse 15: UNathani wayesebuyela endlini yakhe. UJehova washaya ngesifo umntwana owazalelwa uDavide kumka-Uriya, wagula kakhulu.
Verse 16: UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana; uDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke.
Verse 17: Amalunga endlu yakhe asuka aya kuye ukumvusa emhlabathini, kepha akavumanga, futhi kadlanga kudla nawo.
Verse 18: Kwathi ngosuku lwesikhombisa umntwana wafa. Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile, ngokuba zathi: “Bhekani, umntwana esezwa sakhuluma kuye, akalalelanga izwi lethu; pho, singamtshela kanjani ukuthi umntwana ufile? Angenza ingozi.”
Verse 19: Kepha uDavide ebona ukuthi izinceku zakhe ziyanyenyezelana, uDavide waqonda ukuthi umntwana ufile; uDavide wayesethi ezincekwini zakhe: “Usefile umntwana na?” Zathi: “Ufile.”
Verse 20: UDavide wayesevuka emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaJehova, wakhuleka; wayeseya endlini yakhe; lapho esecela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla.
Verse 21: Zase zithi izinceku zakhe kuye: “Yintoni le oyenzileyo na? Wazila ukudla, wakhala ngomntwana esekhona, kepha lapho esefile, uvukile wadla.”
Verse 22: Wathi-ke yena: “Umntwana esekhona ngazila ukudla, ngakhala, ngokuba ngathi: Ngubani owaziyo ingabe uJehova uyakuba nomusa kimi ukuba umntwana aphile na?
Verse 23: Manje usefile; ngiyakuzilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayikubuyela kimi.”
Verse 24: UDavide wamduduza uBati Sheba umkakhe, wangena kuye, walala naye; wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSolomoni. UJehova wamthanda.
Verse 25: Wathuma ngesandla sikaNathani umprofethi, wambiza ngokuthi uJedidiya ngenxa kaJehova.
Verse 26: UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathatha umuzi wenkosi.
Verse 27: UJowabe wathuma izithunywa kuDavide, wathi: “Ngilwe neRaba, yebo, ngathatha uMuzi Wamanzi.
Verse 28: Ngalokho butha abantu abaseleyo, umise ngakuwo umuzi, uwuthathe, funa mina ngiwuthathe umuzi, ubizwe ngegama lami.”
Verse 29: UDavide wayesebutha bonke abantu, waya eRaba, walwa nalo, walithatha.
Verse 30: Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo; isisindo sawo sasiyitalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.
Verse 31: Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wababeka emasaheni, nasezibhuqweni zensimbi, nasemazembeni ensimbi, wabasebenzisa kohonela; wenze njalo kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.