Verse 1: UDavide wabuye wabutha bonke abakhethiweyo bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamashumi amathathu.
Verse 2: UDavide wahamba nabo bonke abantu ababe naye, besuka eBali Juda ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, lona igama likaJehova Sebawoti ohlala phezu kwamakherubi.
Verse 3: Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba eyayisegqumeni; o-Uza no-Ahiyo amadodana ka-Abinadaba bashayela leyo ngqukumbane entsha.
Verse 4: Bayikhipha-ke endlini ka-Abinadaba eyayisegqumeni kanye nomphongolo; u-Ahiyo wahamba phambi komphongolo.
Verse 5: UDavide kanye nendlu yonke ka-Israyeli bathokoza ebusweni bukaJehova benezinto zonke zokubetha zomsayipuresi, namahabhu, nezingubhu, nezigubhu, nobuxhaka, namasimbali.
Verse 6: Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaNakoni u-Uza welulela isandla emphongolweni kaNkulunkulu, wawubamba, ngokuba izinkabi zashelela.
Verse 7: Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.
Verse 8: UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-Uza kuze kube namuhla.
Verse 9: UDavide wamesaba uJehova ngalolo suku. Wathi: “Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na?”
Verse 10: Ngalokho uDavide akavumanga ukuwuletha umphongolo kaJehova kuye emzini kaDavide, kepha uDavide wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti.
Verse 11: Umphongolo kaJehova wahlala endlini ka-Obede Edomi umGiti izinyanga ezintathu; uJehova wambusisa u-Obede Edomi nendlu yakhe yonke.
Verse 12: Kwatshelwa inkosi uDavide ukuthi uJehova ubusisile indlu ka-Obede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wenyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide ngokujabula.
Verse 13: Kwakuthi ababethwele umphongolo kaJehova sebehambile izinyathelo eziyisithupha, wahlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo.
Verse 14: UDavide wasina phambi kukaJehova ngamandla akhe onke; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni.
Verse 15: Kanjalo uDavide nayo yonke indlu ka-Israyeli benyusa umphongolo kaJehova ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.
Verse 16: Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.
Verse 17: Bawungenisa umphongolo kaJehova, bawubeka endaweni yawo phakathi kwetende uDavide alimisele wona; uDavide wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.
Verse 18: UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wabusisa abantu egameni likaJehova Sebawoti.
Verse 19: Wababela bonke abantu esixukwini sonke sakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo ucezu lwesinkwa, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo. Base behamba abantu bonke, baya, kwaba yilowo nalowo ekhaya lakubo.
Verse 20: UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.”
Verse 21: Wayesethi uDavide kuMikhali: “Ngaphambi kukaJehova owangikhetha phezu kukayihlo naphezu kwayo yonke indlu yakhe ukungimisa ukuba ngibe ngumbusi wabantu bakaJehova kwa-Israyeli, yebo, ngaphambi kukaJehova ngathokoza.
Verse 22: Ngiyakudeleleka kakhulu kunalokho, ngithotshiswe nasemehlweni ami, kodwa izincekukazi okhulume ngazo ngiyakudunyiswa yizo.”
Verse 23: UMikhali indodakazi kaSawule akazalanga mntwana kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.