2 Samuel - Chapter 20

Verse 1: Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”

Verse 2: Bonke abantu bakwa-Israyeli base benyuka bengasamlandeli uDavide, bamlandela uSheba indodana kaBikri; kepha abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema.

Verse 3: UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayingenanga kubo. Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.

Verse 4: Yayisithi inkosi ku-Amasa: “Ngibuthele abantu bakwaJuda ngezinsuku ezintathu, ube khona nawe.”

Verse 5: Wayesehamba u-Amasa ukubutha uJuda, kepha walibala phezu kwesikhathi asinqunyelweyo.

Verse 6: Wayesethi uDavide ku-Abishayi: “Manje uSheba indodana kaBikri uyakwenza okubi kakhulu kithi kuno-Abisalomu; thatha wena izinceku zenkosi yakho, umxoshe, funa azitholele imizi ebiyelweyo, asiphunyuke.”

Verse 7: Emva kwakhe kwaphuma amadoda kaJowabe, namaKhereti namaPheleti, namaqhawe onke; baphuma eJerusalema ukuba bamxoshe uSheba indodana kaBikri.

Verse 8: Besesetsheni elikhulu eliseGibeyoni, u-Amasa wafika ukubahlangabeza. UJowabe wayebhince isambatho sakhe sokulwa ayelokhu esigqoka; kusona lalikhona ibhande elinenkemba emgodleni wayo elaligaxwe okhalweni lwakhe; yawa esehamba.

Verse 9: UJowabe wayesethi ku-Amasa: “Usaphila, mfowethu, na?” UJowabe wambamba u-Amasa ngesilevu ngesandla sakhe sokunene ukuba amange.

Verse 10: Kodwa u-Amasa akayinakanga inkemba eyayisesandleni sikaJowabe; wamgwaza ngayo esiswini, wachithela izibilini zakhe emhlabathini; wafa engamphindanga. OJowabe no-Abishayi umfowabo bamxosha uSheba indodana kaBikri.

Verse 11: Kwema ngakuye enye yezinsizwa zikaJowabe, yathi: “Omthanda uJowabe nongokaDavide mabamlandele uJowabe.”

Verse 12: U-Amasa wahuquzela egazini lakhe phakathi nomendo. Lapho lo muntu ebona ukuthi bonke abantu bema, wamgudluza u-Amasa emendweni, wamyisa ensimini, waphonsa ingubo phezu kwakhe, lapho ebona ukuthi bonke abadlula ngakuye bema.

Verse 13: Esesusiwe emendweni, abantu bonke badlula bamlandela uJowabe ukuba bamxoshe uSheba indodana kaBikri.

Verse 14: Wadabula izizwe zonke zakwa-Israyeli, waze wafika e-Abela, naseBeti Mahakha, nakuwo onke amaBeri; babuthana bamxosha nakhona.

Verse 15: Bafika bamvimbezela e-Abela laseBeti Mahakha, banqwabela iduli ngasemzini elema ngasodongeni; abantu bonke ababe noJowabe babhidliza ugange ukuba luwe.

Verse 16: Kwase kumemeza owesifazane ohlakaniphileyo esemzini, wathi: “Zwanini! Zwanini! Ake nithi kuJowabe: ‘Sondela lapho ukuba ngikhulume nawe.’ ”

Verse 17: Wasondela kuye; owesifazane wayesethi: “Wena unguJowabe na?” Wathi: “Nginguye.” Wayesethi kuye: “Yizwa amazwi encekukazi yakho.” Wathi: “Ngiyezwa.”

Verse 18: Wathi-ke: “Endulo babevama ukukhuluma ngokuthi: ‘Kuyakubuzwa nokubuzwa e-Abela.’ Base beqeda.

Verse 19: Mina ngingowokuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; wena ufuna ukuchitha umuzi nonina kwa-Israyeli; uyakuligwinyelani ifa likaJehova na?”

Verse 20: UJowabe waphendula wathi: “Makube kude, makube kude nami ukuba ngigwinye noma ngichithe.

Verse 21: Akunjalo, kepha umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi, nguSheba indodana kaBikri igama lakhe, uphakamisele isandla sakhe ngasenkosini, kuDavide; nginikeni yena kuphela, khona ngiyakusuka emzini.” Wayesethi owesifazane kuJowabe: “Bheka, ikhanda lakhe liyakuphonswa kuwe ngaphandle kogange.”

Verse 22: Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke. Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhanda, baliphonsa kuJowabe. Yena wabetha icilongo, bahlakazeka kulowo muzi, baya, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.

Verse 23: UJowabe wayesephezu kwempi yonke yakwa-Israyeli; uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti;

Verse 24: u-Adoramu wayephethe imali; uJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana.

Verse 25: USheva wayengumbhali; oSadoki no-Abiyathara babe ngabapristi;

Verse 26: u-Ira umJayiri wayengumpristi kaDavide.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories