Verse 1: Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaJowashi indodana ka-Ahaziya inkosi yakwaJuda uJehowahazi indodana kaJehu waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa.
Verse 2: Wenza okubi emehlweni kaJehova, walandela izono zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli, kasukanga kuzo.
Verse 3: Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sikaHazayeli inkosi yase-Aramu nasesandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli sonke lesi sikhathi.
Verse 4: UJehowahazi wakhuleka kuJehova, uJehova wamuzwa, ngokuba wabona ukucindezelwa kuka-Israyeli ukuthi inkosi yase-Aramu yayibacindezela.
Verse 5: UJehova wanika u-Israyeli umsindisi, baphuma phansi kwesandla sama-Aramu; abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo njengakuqala.
Verse 6: Nokho abasukanga ezonweni zendlu kaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli, kepha bahamba kuzo; naye u-Ashera wasala eSamariya.
Verse 7: Ngokuba akashiyanga abantu kuJehowahazi, kuphela abamahhashi abangamashumi ayisihlanu, nezinqola eziyishumi, nemigundatshani eyizinkulungwane eziyishumi, ngokuba inkosi yase-Aramu yabachitha, yabenza baba njengothuli ekubhuleni.
Verse 8: Ezinye izindaba zikaJehowahazi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
Verse 9: UJehowahazi wayeselala koyise; bammbela eSamariya; uJowashi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 10: Ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJehowashi, indodana kaJehowahazi, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha.
Verse 11: Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga kuzo zonke izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, kodwa wahamba kuzo.
Verse 12: Ezinye izindaba zikaJowashi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe alwa ngawo no-Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
Verse 13: UJowashi wayeselala koyise; uJerobowamu wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi; uJowashi wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli.
Verse 14: U-Elisha esegula ngesifo afa ngaso, uJowashi inkosi yakwa-Israyeli wehlela kuye, wamkhalela wathi: “Baba, Baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!”
Verse 15: U-Elisha wathi kuye: “Thatha umnsalo nemicibisholo.” Wathatha-ke umnnsalo nemicibisholo.
Verse 16: Wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Beka isandla sakho emnsalweni.” Yabeka-ke isandla sayo. U-Elisha wabeka izandla zakhe phezu kwezandla zenkosi.
Verse 17: Wathi: “Vula ifasitele ngasempumalanga.” Yalivula. Wayesethi u-Elisha: “Cibishela.” Yacibishela-ke. Wathi: “Ngumcibisholo kaJehova wokusindisa, umcibisholo wokusindiswa kuma-Aramu, ngokuba uyakubulala ama-Aramu e-Afeki, uwaqede.”
Verse 18: Wayesethi: “Thatha imicibisholo.” Yayithatha-ke. Wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Shaya emhlabathini.” Yashaya kathathu, yayeka.
Verse 19: Lowo muntu kaNkulunkulu wayithukuthelela, wathi: “Uma ubushaye kahlanu noma kayisithupha, wawulahlulile i-Aramu waze waliqeda, kepha manje uyakulahlula i-Aramu kathathu kuphela.”
Verse 20: Wayesefa u-Elisha, bammbela. Amaviyo akwaMowabi angenela izwe ngasekwethwaseni komnyaka.
Verse 21: Kwathi lapho besammbela umuntu othile, bheka, babona iviyo; bamlahla umuntu ethuneni lika-Elisha. Lowo muntu wanele ukuthinta nje amathambo ka-Elisha, waphila, wema ngezinyawo zakhe.
Verse 22: UHazayeli inkosi yase-Aramu wayecindezele u-Israyeli zonke izinsuku zikaJehowahazi.
Verse 23: Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.
Verse 24: UHazayeli inkosi yase-Aramu wafa; uBeni Hadadi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 25: UJehowashi indodana kaJehowahazi wabuye waphuca esandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli leyo mizi ayaphucile esandleni sikaJehowahazi uyise ngokulwa. UJowashi wamahlula kathathu, wabuyisa imizi yakwa-Israyeli.