Verse 1: UJehoramu indodana ka-Ahabi waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaJehoshafati inkosi yakwaJuda, wabusa iminyaka eyishumi nambili.
Verse 2: Wenza okubi emehlweni kaJehova kepha kungenjengoyise nonina, ngokuba wasusa insika kaBali abeyenzile uyise.
Verse 3: Nokho wanamathela ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, kasukanga kuzo.
Verse 4: UMesha inkosi yakwaMowabi owayefuyile kakhulu izimvu wathela enkosini yakwa-Israyeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu.
Verse 5: Kwathi lapho esefile u-Ahabi, inkosi yakwaMowabi yahlubuka inkosi yakwa-Israyeli.
Verse 6: Inkosi uJehoramu yaphuma eSamariya ngaleso sikhathi, yabala wonke u-Israyeli.
Verse 7: Yaya yathumela kuJehoshafati inkosi yakwaJuda, yathi: “Inkosi yakwaMowabi ingihlubukile; ungahamba nami, silwe noMowabi, na?” Wathi: “Ngiyakwenyuka, mina njengawe, abantu bami njengabantu bakho, amahhashi ami njengamahhashi akho.”
Verse 8: Wathi futhi: “Siyakwenyuka ngayiphi indlela na?” Yathi: “Ngendlela yasehlane lakwa-Edomi.”
Verse 9: Yayisihamba inkosi yakwa-Israyeli, nenkosi yakwaJuda, nenkosi yakwa-Edomi; azungeza indlela yezinsuku eziyisikhombisa; kwakungekho manzi empi nawezinkomo ezibalandelayo.
Verse 10: Yayisithi inkosi yakwa-Israyeli: “Maye, ngokuba uJehova ubuthile lawa makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi!”
Verse 11: Kepha uJehoshafati wathi: “Akakho lapha umprofethi kaJehova ukuba sibuze kuJehova ngaye na?” Enye yezinceku zenkosi yakwa-Israyeli yaphendula yathi: “Ukhona u-Elisha indodana kaShafati owathela amanzi ezandleni zika-Eliya.”
Verse 12: Wayesethi uJehoshafati: “Izwi likaJehova likuye.” Base behlela kuye inkosi yakwa-Israyeli, noJehoshafati, nenkosi yakwa-Edomi.
Verse 13: Kepha u-Elisha wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Nginamsebenzi muni nawe na? Hamba uye kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko.” Kepha inkosi yakwa-Israyeli yathi kuye: “Hhayi, ngokuba uJehova ubizile lawo makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi.”
Verse 14: Wayesethi u-Elisha: “Kuphila kukaJehova Sebawoti engimi phambi kwakhe, uma bengingamazisi uJehoshafati inkosi yakwaJuda, ngempela ngingeze ngakubheka, ngingeze ngakubona.
Verse 15: Kepha manje ngiletheleni umbethi wogubhu.” Kwathi umbethi wogubhu esabetha, isandla sikaJehova saba kuye.
Verse 16: Wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Yenza lo mfula ube nemigodi ngemigodi.’
Verse 17: Ngokuba uJehova usho kanje, uthi: ‘Aniyikubona umoya, aniyikubona imvula, kepha lo mfula uyakugcwala amanzi; niyakuphuza nina, nezinkomo zenu, nezinye izilwane zenu.’
Verse 18: Lokhu kulula emehlweni kaJehova; uyakunikela abakwaMowabi esandleni senu.
Verse 19: Niyakuchitha yonke imizi ebiyelweyo nayo yonke imizi ekhethekileyo; niyakuwisa yonke imithi emihle, nivimbe yonke imithombo yamanzi, none zonke iziqephu zomhlaba ngamatshe.”
Verse 20: Kwathi ekuseni ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu, bheka, kwafika amanzi ngasendleleni yakwa-Edomi, izwe lagcwala amanzi.
Verse 21: Sebezwile bonke abakwaMowabi ukuthi amakhosi enyukile ukulwa nabo, babuthana bonke abaqale ukubhinca izikhali kuya phezulu, bema emkhawulweni.
Verse 22: Bavuka ekuseni, ilanga lakhanya emanzini, abakwaMowabi bawabona amanzi malungana nabo ebomvu njengegazi;
Verse 23: bathi: “Lokhu kuyigazi; ngempela amakhosi alwile, abulalene enye nenye; ngalokho ekuphangeni-ke, Mowabi!”
Verse 24: Sebefike ekamu lika-Israyeli, abakwa-Israyeli basuka bashaya abakwaMowabi, baze babaleka ebusweni babo; bangena ezweni labo bechitha abakwaMowabi.
Verse 25: Bachitha imizi, naseziqeshini zonke ezinhle zomhlaba baphonsa, kwaba yilowo nalowo itshe lakhe, bazigcwalisa; bavimba yonke imithombo yamanzi, bawisa yonke imithi emihle, kwaze kwasala amatshe aseKhiri Haresheti kuphela; kepha abezindwayimana bazungeza, balishaya.
Verse 26: Yathi ibona inkosi yakwaMowabi ukuthi ukulwa kuyayahlula, yathatha abantu abangamakhulu ayisikhombisa abahosha inkemba ukufohlela enkosini yakwa-Edomi, kepha bahluleka.
Verse 27: Yayisithatha izibulo layo ebeliyakubusa esikhundleni sayo, yanikela ngalo libe ngumnikelo wokushiswa phezu kogange. Abakwa-Israyeli behlelwa yintukuthelo enkulu, basuka kuyo, babuyela ezweni lakubo.