Verse 1: Ngomnyaka wesibili kaJowashi indodana kaJehowahazi inkosi yakwa-Israyeli u-Amasiya indodana kaJowashi inkosi yakwaJuda waba yinkosi.
Verse 2: Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadini waseJerusalema.
Verse 3: Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenjengoDavide uyise kodwa; wenza njengakho konke uJowashi uyise akwenzileyo.
Verse 4: Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
Verse 5: Kwathi lapho umbuso usuqinisiwe esandleni sakhe, wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise.
Verse 6: Kepha abantwana bababulali akababulalanga njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi: “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”
Verse 7: Wabulala ku-Edomi esiGodini sikaSawoti abayizinkulungwane eziyishumi, wathatha iSela ngokulwa, waliqamba igama lokuthi iJokiteyeli kuze kube namuhla.
Verse 8: Khona u-Amasiya wathuma izithunywa kuJehowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibhekane ubuso nobuso.”
Verse 9: UJehowashi inkosi yakwa-Israyeli wathumela ku-Amasiya inkosi yakwaJuda, wathi: “Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari waseLebanoni, sathi: ‘Nika indodana yami indodakazi yakho ibe ngumkayo.’ Kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya.
Verse 10: Umchithile impela u-Edomi; inhliziyo yakho ikuphakamisile; dumiseka ngakho, uhlale ekhaya; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?”
Verse 11: Kepha u-Amasiya akalalelanga. Wayesenyuka uJehowashi inkosi yakwa-Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nobuso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda.
Verse 12: UJuda wahlulwa phambi kuka-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.
Verse 13: UJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wambamba u-Amasiya inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi, ka-Ahaziya, eBeti Shemeshi, wafika eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema, kusukela eSangweni lakwa-Efrayimi kuze kube seSangweni laseGumbini, izingalo ezingamakhulu amane.
Verse 14: Wathatha lonke igolide nesiliva, nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.
Verse 15: Ezinye izindaba zikaJehowashi azenzayo, namandla akhe, nempi yakhe no-Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
Verse 16: UJehowashi wayeselala koyise, wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli; uJerobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 17: U-Amasiya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, wayesekhona emva kokufa kukaJehowashi indodana kaJehowahazi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka eyishumi nanhlanu.
Verse 18: Ezinye izindaba zika-Amasiya angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
Verse 19: Bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakishi, kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona.
Verse 20: Bamthwala ngamahhashi; wembelwa eJerusalema koyise emzini kaDavide.
Verse 21: Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Azariya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya.
Verse 22: Wakha i-Elati, walibuyisela kuJuda, inkosi isilele koyise.
Verse 23: Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye.
Verse 24: Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zonke zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli.
Verse 25: Wabuyisa umkhawulo wakwa-Israyeli kusukela ekuyeni eHamati kuze kube seLwandle lwase-Araba; njengezwi likaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, alikhulumayo ngesandla senceku yakhe uJona indodana ka-Amithayi, umprofethi waseGati Heferi.
Verse 26: Ngokuba uJehova wabona ukuhlupheka kuka-Israyeli ukuthi kwakumunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla, kungekho omsizayo u-Israyeli.
Verse 27: UJehova akashongo ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kepha wabasindisa ngesandla sikaJerobowamu indodana kaJowashi.
Verse 28: Ezinye izindaba zikaJerobowamu, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, nokulwa kwakhe, nokubuyisela kwakhe ku-Israyeli iDamaseku neHamati elalingelakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
Verse 29: UJerobowamu wayeselala koyise, amakhosi abakwa-Israyeli; uZakariya waba yinkosi esikhundleni sakhe.