2 Kings - Chapter 15

Verse 1: Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa kaJerobowamu inkosi ka-Israyeli u-Azariya indodana ka-Amasiya inkosi yakwaJuda waba yinkosi.

Verse 2: Wayeneminyaka eyishumi nesithupha ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema.

Verse 3: Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise u-Amasiya.

Verse 4: Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

Verse 5: UJehova wayishaya inkosi, yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo. UJothamu, indodana yenkosi, wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.

Verse 6: Ezinye izindaba zika-Azariya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

Verse 7: U-Azariya wayeselala koyise; bammbela koyise emzini kaDavide; uJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Verse 8: Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Azariya inkosi yakwaJuda, uZakariya, indodana kaJerobowamu, wayeyinkosi kwa-Israyeli eSamariya izinyanga eziyisithupha.

Verse 9: Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho benzile oyise, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli.

Verse 10: UShalumi, indodana kaJabeshi, wamenzela ugobe, wamgenca phambi kwabantu, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Verse 11: Ezinye izindaba zikaZakariya, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

Verse 12: Yilelo izwi likaJehova alikhuluma kuJehu ngokuthi: “Amadodana akho kuze kube sesizukulwaneni sesine ayakuhlala esihlalweni sakwa-Israyeli.” Kwaba njalo.

Verse 13: UShalumi indodana kaJabeshi waba yinkosi ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Uziya inkosi yakwaJuda, wabusa inyanga eSamariya.

Verse 14: UMenahemu, indodana kaGadi, wenyuka eTirisa, wafika eSamariya, wagenca uShalumi, indodana kaJabeshi, eSamariya, wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.

Verse 15: Ezinye izindaba zikaShalumi nogobe lwakhe alwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

Verse 16: Ngaleso sikhathi uMenahemu wachitha iThifisa, nakho konke okwakukulo, nemikhawulo yalo, kusukela eTirisa; ngokuba bengamvulelanga, ngalokho walichitha; nabo bonke abesifazane abakhulelweyo abakulo wabaqaqa.

Verse 17: Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Azariya inkosi yakwaJuda uMenahemu indodana kaGadi waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi eSamariya.

Verse 18: Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga zonke izinsuku zakhe ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli.

Verse 19: Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase-Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.

Verse 20: UMenahemu wakhiphisa u-Israyeli imali, bonke abantu abacebileyo, kwaba yilowo nalowo amashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva ukuwanika inkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela emuva inkosi yase-Asiriya, ayihlalanga khona ezweni.

Verse 21: Ezinye izindaba zikaMenahemu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

Verse 22: UMenahemu wayeselala koyise; uPhekaya waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Verse 23: Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu ka-Azariya inkosi yakwaJuda, uPhekaya, indodana kaMenahemu, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka emibili.

Verse 24: Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli.

Verse 25: UPheka, indodana kaRemaliya, induna yakhe wamenzela ugobe, wamgenca eSamariya enqabeni yendlu yenkosi kanye no-Arigobi no-Ariye; wayenabantu bakwaGileyadi abangamashumi ayisihlanu; wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Verse 26: Ezinye izindaba zikaPhekaya nakho konke akwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

Verse 27: Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu nambili ka-Azariya inkosi yakwaJuda uPheka indodana kaRemaliya waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amabili.

Verse 28: Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli.

Verse 29: Emihleni kaPheka inkosi yakwa-Israyeli kwafika uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, wathatha i-Ijoni, ne-Abela Beti Mahakha, neJanowa, neKedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, wabathumbela e-Asiriya.

Verse 30: UHosheya, indodana ka-Ela, wamenzela ugobe uPheka indodana kaRemaliya, wamgenca, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe ngomnyaka wamashumi amabili kaJothamu indodana ka-Uziya.

Verse 31: Ezinye izindaba zikaPheka nakho konke akwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

Verse 32: Ngomnyaka wesibili kaPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu indodana ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.

Verse 33: Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha, indodakazi kaSadoki.

Verse 34: Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wenza njengakho konke akwenzileyo uyise u-Uziya.

Verse 35: Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Wakha isango lasenhla endlini kaJehova.

Verse 36: Ezinye izindaba zikaJothamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

Verse 37: Ngalezo zinsuku uJehova waqala ukuthuma kuJuda uResini, inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya.

Verse 38: UJothamu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; u-Ahazi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories