Romans - Chapter 12

Verse 1: Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda;

Verse 2: ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.

Verse 3: Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.

Verse 4: Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye,

Verse 5: kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.

Verse 6: Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo; uma singesokuprofetha, asiprofethe ngesilinganiso sokukholwa;

Verse 7: uma singesokukhonza, kube senkonzweni; ofundisayo, kube sekufundiseni,

Verse 8: oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo.

Verse 9: Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;

Verse 10: thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane;

Verse 11: ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi;

Verse 12: ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo;

Verse 13: hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.

Verse 14: Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.

Verse 15: Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.

Verse 16: Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.

Verse 17: Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke;

Verse 18: uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke;

Verse 19: ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.

Verse 20: Kepha: “Uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.”

Verse 21: Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories