Verse 1: awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.
Verse 2: Siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu ngokweqiniso kubehlela abenza okunjalo.
Verse 3: Ucabanga lokho yini wena muntu owahlulela abenza okunjalo, ubukwenza nawe, ukuthi uyakubalekela ukwahlulela kukaNkulunkulu na?
Verse 4: Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene, neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni na?
Verse 5: Kepha ngobulukhuni bakho nangenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu
Verse 6: oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe:
Verse 7: labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade;
Verse 8: kepha labo abanombango bengalaleli iqiniso, belalela ukungalungi, bothola ulaka nentukuthelo.
Verse 9: Usizi nokubandezeka kuyakwehlela imiphefumulo yabantu bonke abenza okubi, umJuda kuqala, nomGreki futhi;
Verse 10: kepha inkazimulo nodumo nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.
Verse 11: Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu.
Verse 12: Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho;
Verse 13: ngokuba akusibo abezwayo umthetho abangabalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenzayo umthetho yibona abayakulungisiswa.
Verse 14: Ngokuba nxa abezizwe abangenawo umthetho ngokwemvelo benza okomthetho, laba, bengenawo umthetho, bangumthetho wabo ngokwabo,
Verse 15: babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza naye, imicabango yabo imangalelana noma ivunana,
Verse 16: ngosuku uNkulunkulu ayakwahlulela ngalo okufihliweyo kwabantu ngokwevangeli lami ngoKristu Jesu.
Verse 17: Kepha uma uthiwa ungumJuda, wethemba umthetho, uzibonga ngoNkulunkulu,
Verse 18: wazi intando yakhe, ukhetha okungcono, ungofundisiwe emithethweni,
Verse 19: uzethembile wena ukuthi ungumholi wezimpumputhe, ungukukhanya kwabasebumnyameni,
Verse 20: umyali weziwula nomfundisi wezingane, unakho ukuma kokwazi nokweqiniso emthethweni,
Verse 21: wena-ke ofundisa omunye, awuzifundisi wena na? Wena oshumayela ukuthi akungebiwa, uyeba na?
Verse 22: Wena othi akungaphingwa, uyaphinga na? Wena owenyanya isithombe, uphanga ithempeli na?
Verse 23: Wena ozibonga ngomthetho, udumaza uNkulunkulu ngokweqa umthetho na?
Verse 24: Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengalokho kulotshiwe.
Verse 25: Ngokuba ukusoka kuyasiza kambe, uma ugcina umthetho; kepha uma ungumeqi womthetho, ukusoka kwakho kuphenduka ukungasoki.
Verse 26: Ngakho-ke uma ongasokile egcina izimiso zomthetho, ukungasoki kwakhe akuyikubalwa ukuthi kungukusoka na?
Verse 27: Khona ongasokile ngokwemvelo, egcina umthetho, uzakwahlulela wena othi unombhalo nokusoka, weqe umthetho.
Verse 28: Ngokuba umJuda kakusiye onguye ngokubonwayo, nokusoka akusikho okubonwa enyameni;
Verse 29: kodwa umJuda yilowo onguye ngaphakathi, nokusoka kungokwenhliziyo, ngomoya kungengegama, okutuswa kwakhe kungaveli kubantu kepha kuNkulunkulu.