Verse 1: siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na?
Verse 2: Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?
Verse 3: Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na?
Verse 4: Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.
Verse 5: Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka,
Verse 6: sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,
Verse 7: ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni.
Verse 8: Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye,
Verse 9: sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe.
Verse 10: Ngokuba ukufa, afa ngakho, wakufa kanye nje ngenxa yesono; kepha ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu.
Verse 11: Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu.
Verse 12: Ngakho makungabusi isono emzimbeni wenu ofayo, nize nilalele izinkanuko zawo;
Verse 13: futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga,
Verse 14: ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.
Verse 15: Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.
Verse 16: Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube ngukufa noma ezokulalela kube ngukulunga, na?
Verse 17: Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono senilalela ngenhliziyo indlela yesifundiso enanikelwa kuyo
Verse 18: nokuthi, senikhululiwe esonweni, naba yizinceku zokulunga.
Verse 19: Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokho nanikela izitho zenu zibe yizinceku zamanyala nezokungalungi kwaba ngukungalungi, kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga kube ngukungcweliswa.
Verse 20: Ngokuba lapho nise yizinceku zesono, nanikhululekile maqondana nokulunga.
Verse 21: Ngaleso sikhathi naninezithelo zini na? Eseninezinhloni ngakho manje; ngokuba ukugcina kwalokho kungukufa.
Verse 22: Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.
Verse 23: Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.