Verse 1: Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu.
Verse 2: Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.
Verse 3: Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,
Verse 4: ukuze umyalo womthetho ugcwaliseke kithina esingahambi ngokwenyama kepha ngokukaMoya.
Verse 5: Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya.
Verse 6: Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula.
Verse 7: Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu; ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, yebo, futhi kungekwenze;
Verse 8: abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu.
Verse 9: Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuye uMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.
Verse 10: Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kepha umoya ungukuphila ngenxa yokulunga.
Verse 11: Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
Verse 12: Ngalokho-ke, bazalwane, asinacala kuyo inyama lokuba sihambe ngokwenyama.
Verse 13: Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.
Verse 14: Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.
Verse 15: Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”
Verse 16: Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.
Verse 17: Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.
Verse 18: Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.
Verse 19: Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.
Verse 20: Ngokuba okudaliweyo kwabekwa phansi kobuze, kungengentando yakho kodwa ngaye owakubekayo,
Verse 21: ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.
Verse 22: Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube manje;
Verse 23: akusikho lokho kuphela, kepha nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya siyabubula phakathi kwethu, silindele isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu.
Verse 24: Ngokuba ethembeni sisindisiwe; kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba; ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na?
Verse 25: Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.
Verse 26: Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa;
Verse 27: kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.
Verse 28: Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.
Verse 29: Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili, bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi;
Verse 30: labo abamisile ngaphambili ubabizile futhi; labo ababizile ubalungisisile futhi; labo abalungisisileyo ubaphile nenkazimulo futhi.
Verse 31: Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?
Verse 32: Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?
Verse 33: Ngubani ozakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo;
Verse 34: ngubani olahlayo na? UKristu Jesu owafayo, yebo impela, owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguyena osinxuselayo.
Verse 35: Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?
Verse 36: Kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke, sithiwa izimvu zokuhlatshwa.”
Verse 37: Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.
Verse 38: Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla,
Verse 39: nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.