Verse 1: O nina maGalathiya angaqondiyo! Ngubani oniloyileyo nina enalotshelwa phambi kwamehlo enu umfanekiso kaJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na?
Verse 2: Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi: Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?
Verse 3: Niwulekile kangaka na? Niqalile kuMoya seniyakugcina enyameni na?
Verse 4: Nahlupheka kangaka ngeze na? uma kambe kungeze.
Verse 5: Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?
Verse 6: Njengalokho u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi ngukulunga.
Verse 7: Yazini-ke ukuthi abokukholwa yibona abangamadodana ka-Abrahama.
Verse 8: Kepha umbhalo, ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli ku-Abrahama, wathi: “Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe.”
Verse 9: Njalo-ke abokukholwa bayabusiswa kanye no-Abrahama okholwayo.
Verse 10: Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.”
Verse 11: Kepha ukuthi ngomthetho akukho muntu olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu kusobala, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa;
Verse 12: ngokuba umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa owenza lokho uyakuphila ngakho.
Verse 13: UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”
Verse 14: ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.
Verse 15: Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu: nokuba kuyintando yokugcina yomuntu eyaqiniswayo, akakho oyichithayo noma enezele kuyo.
Verse 16: Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: “Ezinzalweni,” kungathi ngeziningi, kepha kungathi ngeyodwa ukuthi: Nasenzalweni yakho enguKristu.
Verse 17: Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso;
Verse 18: ngokuba uma ifa likhona ngomthetho, alikho ngesithembiso; kepha uNkulunkulu umnikile lona u-Abrahama ngesithembiso.
Verse 19: Pho, umthetho uyini na? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo enikiwe isithembiso, umisiwe ngezingelosi, ngesandla somlamuleli.
Verse 20: Kepha umlamuleli kasiye owamunye; kepha uNkulunkulu munye.
Verse 21: Pho-ke, umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na? Qha nakanye. Ngokuba uma wawunikiwe umthetho onamandla okuphilisa, ngempela ukulungisiswa ngakuya ngomthetho.
Verse 22: Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.
Verse 23: Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa.
Verse 24: Njalo-ke umthetho sewaba ngumlayi wethu wokusiyisa kuKristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa.
Verse 25: Kepha-ke sekufikile ukukholwa, asisephansi komlayi.
Verse 26: Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu.
Verse 27: Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu.
Verse 28: Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.
Verse 29: Kepha uma ningabakaKristu, seniyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.