Galatians - Chapter 6

Verse 1: uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.

Verse 2: Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.

Verse 3: Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.

Verse 4: Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye,

Verse 5: ngokuba yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo.

Verse 6: Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo kuzo zonke izinto ezinhle.

Verse 7: Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.

Verse 8: Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.

Verse 9: Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.

Verse 10: Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.

Verse 11: Ake nibone ukuloba okungaka enginilobele ngakho ngesami isandla.

Verse 12: Bonke abafuna ukubukeka enyameni, yibona abaniphoqela ukusoka, kuphela ukuba bangayikuzingelwa ngenxa yesiphambano sikaKristu.

Verse 13: Ngokuba ngisho bona abasokayo nabo kabawugcini umthetho, kodwa bathanda ukuba nisoke, ukuze bazibonge ngenyama yenu.

Verse 14: Kepha kimi makungabikho nakanye ukuzibonga, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi nami kulo izwe.

Verse 15: Ngokuba nakusoka nakungasoki akulutho, isidalwa esisha kuphela.

Verse 16: Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, ku-Israyeli kaNkulunkulu.

Verse 17: Mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngiphethe emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.

Verse 18: Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu, bazalwane. Amen.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories