Galatians - Chapter 4

Verse 1: ngithi ngesikhathi indlalifa iseyingane, kayahlukile ngalutho encekwini, ingani iyinkosi yakho konke;

Verse 2: kodwa iphansi kwabaphathi nababonisi, kuze kube yisikhathi esamiswa nguyise ngaphambili.

Verse 3: Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe;

Verse 4: kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,

Verse 5: ukuze ihlenge abaphansi komthetho ukuba samukele ukuma kwamadodana.

Verse 6: Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!”

Verse 7: Njalo-ke awuseyiyo inceku, kepha usuyindodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa futhi ngaye uNkulunkulu.

Verse 8: Kepha ngaleso sikhathi ningamazi uNkulunkulu naniyizigqila phansi kwalabo abangesibo onkulunkulu ngemvelo;

Verse 9: kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?

Verse 10: Nigcina izinsuku, nezinyanga, nezikhathi, neminyaka.

Verse 11: Nginovalo ngani ukuthi mhlawumbe nginihluphekele ngeze.

Verse 12: Yibani njengami, ngokuba nami nginjengani; bazalwane, ngiyanincenga. Aningonanga ngalutho;

Verse 13: kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala,

Verse 14: nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu.

Verse 15: Pho, sekwayaphi ukuzihalalisela kwenu na? Ngokuba ngiyanifakazela ngokuthi, uma kwakungenzeka, nanizakukhipha amehlo enu, ninginike wona.

Verse 16: Konje sengaba yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na?

Verse 17: Banishisekela ngokungekuhle, yebo, bafuna ukunivalela ngaphandle, ukuze nishisekele bona.

Verse 18: Kepha kuhle ukushisekelelwa ngento enhle njalonjalo, kungabi nxa ngikhona kini kuphela,

Verse 19: bantwana bami, enginemihelo futhi ngani, uKristu aze abunjwe phakathi kini;

Verse 20: kepha bengingathanda ngibe khona kini manje, ngiguqule izwi lami, ngokuba ngididekile ngani.

Verse 21: Ngitsheleni nina enithanda ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na?

Verse 22: Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye kuso isigqilakazi nenye kokhululekileyo.

Verse 23: Kodwa eyesigqilakazi izelwe ngokwenyama, kepha eyokhululekileyo izelwe ngesithembiso.

Verse 24: Lokhu kungukufanekisa; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili, esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari.

Verse 25: Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.

Verse 26: Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.

Verse 27: Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Thokoza wena nyumba ongazaliyo; mpompoloza wena ongenamihelo; ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabakhe onendoda.”

Verse 28: Kepha nina bazalwane, njengo-Isaka ningabantwana besithembiso.

Verse 29: Kepha njengakuleso sikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje.

Verse 30: Kodwa umbhalo uthini na? Uthi: “Xosha isigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.”

Verse 31: Ngakho-ke, bazalwane, asisibo abantwana besigqilakazi, singabokhululekileyo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories