Verse 1: wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
Verse 2: Bhekani, mina Pawulu ngithi kini, uma nisoka, uKristu kayikunisiza ngalutho.
Verse 3: Ngiyaphinda ngiqinisa kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokugcina umthetho wonke.
Verse 4: Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni.
Verse 5: Ngokuba thina ngaye uMoya sihlalela ithemba lokulungisiswa ngokukholwa.
Verse 6: Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.
Verse 7: Benigijima kahle; pho, nithiywe ngubani ukuba ningalaleli iqiniso na?
Verse 8: Lokho kuyenga akuveli konibizayo.
Verse 9: Imvubelo eyingcosana ibilisa inhlama yonke.
Verse 10: Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyikuba nawo omunye umqondo; kepha onikhathazayo uyakuthwala ukwahlulelwa kwakhe, noma engubani.
Verse 11: Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisazingelelwani na? Ngabe siphelile isikhubekiso sesiphambano.
Verse 12: Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo.
Verse 13: Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.
Verse 14: Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”
Verse 15: Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani.
Verse 16: Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.
Verse 17: Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.
Verse 18: Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.
Verse 19: Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala,
Verse 20: nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana,
Verse 21: nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
Verse 22: Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,
Verse 23: nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
Verse 24: Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.
Verse 25: Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.
Verse 26: Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.