Revelation - Chapter 11

Verse 1: Nganikwa uhlanga lufana nenduku, kwathiwa: “Sukuma, ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, ne-altare, nabakhulekayo kulo.

Verse 2: Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.

Verse 3: Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka.”

Verse 4: Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba.

Verse 5: Uma kukhona ofuna ukona laba, kuphuma umlilo emlonyeni wabo, udle izitha zabo, uziqede; yebo, uma kukhona ofuna ukona laba, kumelwe ukuba abulawe kanjalo.

Verse 6: Banamandla laba okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banamandla phezu kwamanzi okuwaphendula igazi nawokushaya umhlaba ngezinhlupho zonke, noma kungaba kangaki ngokuthanda kwabo.

Verse 7: Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.

Verse 8: Nezidumbu zabo ziyakusala ezitaladini zomuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma neGibithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona.

Verse 9: Abanye kubantu nabemindeni nabezilimi nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zifakwe ethuneni.

Verse 10: Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba laba baprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni.

Verse 11: Kwathi emva kwalezo zinsuku ezintathu nenxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo; base bema ngezinyawo zabo, nabababonayo behlelwa ngukwesaba okukhulu.

Verse 12: Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Base benyukela ezulwini ngefu, nezitha zabo zababona.

Verse 13: Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, kwawa okweshumi komuzi, nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nabaseleyo bashaywa luvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.

Verse 14: Kwadlula uMaye wesibili; bheka, uMaye wesithathu uyeza masinyane.

Verse 15: Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”

Verse 16: Namalunga angamashumi amabili nane ahlezi phambi kukaNkulunkulu ezihlalweni zawo zobukhosi akhothama ngobuso bawo, akhuleka kuNkulunkulu,

Verse 17: ethi: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa;

Verse 18: nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho, nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo, nokunika umvuzo izinceku zakho, abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”

Verse 19: Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe; kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories