Verse 1: ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa.
Verse 2: Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?”
Verse 3: Kwakungekho namunye ezulwini, nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, abuke kuyo.
Verse 4: Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuyivula leyo ncwadi, abuke kuyo.
Verse 5: Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.”
Verse 6: Ngase ngibona ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine nangaphakathi kwamalunga kumi iWundlu kungathi lihlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.
Verse 7: Leza, layithabatha esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi.
Verse 8: Kuthe seliyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, kuyilelo nalelo linehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.
Verse 9: Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,
Verse 10: wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.”
Verse 11: Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezidalwa, namalunga, nomumo wazo wawuyizigidi zezigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,
Verse 12: zithi ngezwi elikhulu: “Lifanele iWundlu elahlatshwayo ukwamukela amandla nengcebo, nokuhlakanipha, nokunqoba, nodumo, nenkazimulo, nesibusiso.”
Verse 13: Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi: “Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.”
Verse 14: Nezidalwa ezine zathi: “Amen,” namalunga awa phansi, akhuleka.