Verse 1: Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.”
Verse 2: Eyokuqala yaya-ke, yathululela isitsha sayo emhlabeni; kwase kuvela isilonda esibi esinobuhlungu kubantu abanophawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso.
Verse 3: Neyesibili yathululela isitsha sayo elwandle; lwase luba yigazi elinjengelofileyo, nakho konke okuzwayo okuphila elwandle kwafa.
Verse 4: Neyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi, kwase kuba yigazi.
Verse 5: Ngezwa ingelosi yamanzi ithi: “Ulungile wena okhona nowawukhona, oNgcwele, ngokuba wakunquma lokho,
Verse 6: ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.”
Verse 7: Ngase ngizwa i-altare lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, ziqinisile, zilungile izahlulelo zakho.”
Verse 8: Eyesine yayisithululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo.
Verse 9: Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.
Verse 10: Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso waso wenziwa mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu,
Verse 11: futhi bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo; kepha abaphendukanga emisebenzini yabo.
Verse 12: Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu u-Ewufrathe; kwase kusha amanzi awo, ukuze indlela ilungiselwe amakhosi avela empumalanga.
Verse 13: Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana nezingxangxa;
Verse 14: ngokuba bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.
Verse 15: Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.
Verse 16: Wayesebahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni.
Verse 17: Eyesikhombisa yayisithululela isitsha sayo emoyeni; kwase kuphuma izwi elikhulu ethempelini esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.”
Verse 18: Kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, kwaba khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okungazange kube khona okunjalo, selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okukhulu kangaka.
Verse 19: Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.
Verse 20: Iziqhingi zonke zabaleka, nezintaba azifunyaniswanga.
Verse 21: Isichotho esikhulu esisinda njengetalenta sivela ezulwini sehlela phezu kwabantu; abantu bamhlambalaza uNkulunkulu ngenxa yohlupho lwesichotho, ngokuba uhlupho lwaso lulukhulu kakhulu.