Revelation - Chapter 2

Verse 1: “Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, uthi:

Verse 2: Ngiyayazi imisebenzi yakho, nemizamo yakho, nokubekezela kwakho, nokuthi kawunakubamela ababi; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;

Verse 3: unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga.

Verse 4: “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala;

Verse 5: ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki.

Verse 6: Kepha unalokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikolawu engiyizondayo nami.

Verse 7: “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi likaNkulunkulu.

Verse 8: “Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: “Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi:

Verse 9: Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho — kanti ucebile — nenhlamba yabathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge likaSathane.

Verse 10: Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.

Verse 11: “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.

Verse 12: “Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, uthi:

Verse 13: Ngiyazi lapho wakhe khona: lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane; nokho ulibambisisile igama lami, kawuphikanga inkolo yami nasemihleni ka-Antipase, ufakazi wami, othembekayo wami, owabulawa phakathi kwenu lapho uSathane wakhe khona.

Verse 14: “Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.

Verse 15: Futhi-ke nawe unabo ababambisisa isifundiso samaNikolawu ngokunjalo.

Verse 16: Ngakho-ke phenduka; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe masinyane, ngiyakulwa nabo ngenkemba yomlomo wami.

Verse 17: “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa muntu, ngolamukelayo kuphela.

Verse 18: “Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi: “Nakhu ekushoyo iNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo, ithi:

Verse 19: Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukholwa, nokukhonza, nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala.

Verse 20: “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumela owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi, afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe, zidle okuhlatshelwe izithombe;

Verse 21: ngamnika isikhathi sokuba aphenduke, kepha kavumi ukuphenduka ekufebeni kwakhe.

Verse 22: Bheka, ngiyamphonsa embhedeni, nabaphinga naye ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yakhe;

Verse 23: ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.

Verse 24: Kodwa ngithi kinina eniseleyo eThiyathira, nonke eningenaso lesi sifundiso, eningakwaziyo okujulileyo kukaSathane njengabakushoyo: Kangiphonsi phezu kwenu omunye umthwalo;

Verse 25: kepha lokho eninakho, kubambisiseni ngize ngifike.

Verse 26: “Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni lowo ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe;

Verse 27: uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphahlazwe njengezitsha ezibunjiweyo, njengalokhu nami ngamukelisiwe nguBaba;

Verse 28: futhi ngiyakumnika inkanyezi yokusa.

Verse 29: Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories