1 Samuel - Chapter 12

Verse 1: USamuweli wathi kuye wonke u-Israyeli: “Bhekani, ngilalele izwi lenu kukho konke enikushiloyo kimi, ngibekile inkosi phezu kwenu.

Verse 2: Manje bhekani, inkosi iyahamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga; nanka amadodana ami akini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube namuhla.

Verse 3: Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani, ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.”

Verse 4: Bathi: “Awusikhohlisanga, awusicindezelanga, awamukelanga lutho esandleni samuntu.”

Verse 5: Wayesethi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.”

Verse 6: USamuweli wathi kubantu: “NguJehova, yena owabeka oMose no-Aroni nowakhuphula oyihlo ezweni laseGibithe.

Verse 7: Kalokhu yimani ukuba ngiphendulane nani phambi kukaJehova ngezenzo zonke ezilungileyo zikaJehova azenza kini nakoyihlo.

Verse 8: “Lapho uJakobe esefikile eGibithe, oyihlo bakhala kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni abakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo.

Verse 9: “Kepha bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo.

Verse 10: Bakhala kuJehova, bathi: ‘Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’

Verse 11: UJehova wayesethuma oJerubali, noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.

Verse 12: “Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni ephuma ukulwa nani, nathi kimi: ‘Hhayi, kepha masibuswe yinkosi,’ ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.

Verse 13: Manje nansi inkosi eniyikhethileyo neniyicelileyo; bhekani, uJehova ubekile inkosi phezu kwenu.

Verse 14: Uma nimesaba uJehova, nimkhonze, nilalele izwi lakhe, ningahlubuki esiyalezweni sakhe, khona nina nenkosi yenu ebusa phezu kwenu niyakulandela uJehova uNkulunkulu wenu;

Verse 15: kepha uma ningalaleli izwi likaJehova, nihlubuke esiyalezweni sikaJehova, khona isandla sikaJehova siyakumelana nani, njengalokho samelana nawoyihlo.

Verse 16: “Ngalokho yimani nibone le nto enkulu ayakuyenza uJehova phambi kwamehlo enu.

Verse 17: Angithi kuyisikhathi sokuvuna ukolweni namuhla na? Ngiyakukhuleka kuJehova ukuba athume ukuduma nemvula, nazi, nibone ukuthi okubi kwenu enikwenzile emehlweni kaJehova ngokucela inkosi kukhulu.”

Verse 18: USamuweli wayesekhuleka kuJehova; uJehova wathuma ukuduma nemvula ngalolo suku; bonke abantu besaba kakhulu uJehova noSamuweli.

Verse 19: Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Khulekela izinceku zakho kuJehova uNkulunkulu wakho ukuba singafi, ngokuba senezele kuzo zonke izono zethu ububi bokuzicelela inkosi.”

Verse 20: USamuweli wathi kubantu: “Ningesabi; impela nenzile konke lokho okubi; kepha ningaphambuki ekumlandeleni uJehova, kodwa mkhonzeni uJehova ngayo yonke inhliziyo yenu;

Verse 21: yebo, ningaphambuki ukuba nilandele izinto eziyize ezingenakusiza nezingenakophula, ngokuba ziyize.

Verse 22: Ngokuba uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwakukuhle kuJehova ukuzenzela nina nibe ngabantu bakhe.

Verse 23: Futhi nami, makube kude nami ukuba ngone kuJehova ngokuyeka ukunikhulekela; kakhulu ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.

Verse 24: Yesabani uJehova kuphela, nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke, ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona.

Verse 25: Kodwa uma nisenza okubi, niyakubhubha nina nenkosi yenu.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories