Verse 1: UDavide wayeseya eNobi ku-Ahimeleki umpristi; u-Ahimeleki waya ukumhlangabeza uDavide ethuthumela, wathi kuye: “Yini ukuba uwedwa, kungekho muntu nawe, na?”
Verse 2: UDavide wathi ku-Ahimeleki umpristi: “Inkosi ingiyalezile udaba, yathi kimi: ‘Makungazi muntu ngalolu daba engikuthuma ngalo nengikuyale ngalo.’ Izinsizwa zami ngizazisile indawo ethile.
Verse 3: Manje kuyini okuphansi kwesandla sakho na? Nginike esandleni sami izinkwa eziyisihlanu noma kuyini okukhona.”
Verse 4: Umpristi wamphendula uDavide, wathi: “Asikho isinkwa esivamileyo nje phansi kwesandla sami, kepha kukhona isinkwa esingcwele, uma izinsizwa zizigcinile esifazaneni kuphela.”
Verse 5: UDavide wamphendula umpristi, wathi: “Impela abesifazane bavinjelwe kithina ngalezi zinsuku; izinto zezinsizwa zazingcwele ekuphumeni kwami; noma kuyindlela evamileyo nje, izinto zazo zisengcwele nanamuhla.”
Verse 6: Umpristi wayesemnika isinkwa esingcwele, ngokuba kwakungekho sinkwa lapho, isinkwa sokubukwa kuphela, ebesisusiwe phambi kukaJehova ukuba kubekwe isinkwa esisashisayo mhla sisuswa.
Verse 7: Kepha umuntu othile wezinceku zikaSawule wayelapho ngalolo suku, ebambekile phambi kukaJehova, ogama lakhe lalinguDowegi wabakwa-Edomi, omkhulu wabelusi bakaSawule.
Verse 8: UDavide wathi ku-Ahimeleki: “Akukho lapho phansi kwesandla sakho umkhonto noma inkemba na? Ngokuba angifikanga nenkemba yami nezikhali zami, ngokuba udaba lwenkosi lwalusheshisa.”
Verse 9: Wayesethi umpristi: “Inkemba kaGoliyati umFilisti owambulala esigodini sase-Ela, bheka, ilapho, isongiwe ngengubo emva kwengubo yamahlombe. Uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho lapha enye ngaphandle kwayo.” UDavide wathi: “Ayikho enjengayo; nginike yona.”
Verse 10: Wayesesuka uDavide, wabaleka ngalolo suku ngokwesaba uSawule, waya ku-Akhishi inkosi yaseGati.
Verse 11: Izinceku zika-Akhishi zathi kuye: “Lo akasiye uDavide, inkosi yezwe, na? Abavumelananga yini ngaye omunye nomunye, besina bethi: “ ‘USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi,’ na?”
Verse 12: UDavide wabeka lawo mazwi enhliziyweni yakhe, wamesaba kakhulu u-Akhishi inkosi yaseGati.
Verse 13: Waguquka ingqondo phambi kwabo, wazenza ohlanyayo ezandleni zabo, wadweba ezivalweni zamasango, wehlisela amathe esilevini.
Verse 14: U-Akhishi wayesethi ezincekwini zakhe: “Bheka, uyabona ukuthi lo muntu uyahlanya; nimletheleni kimi na?
Verse 15: Ngiswele izinhlanya yini ukuba nimlethe lo muntu ukuzenza uhlanya ebusweni bami na? Angene endlini yami lona na?”