1 Samuel - Chapter 25

Verse 1: USamuweli wafa; wahlangana wonke u-Israyeli, wamlilela, wammbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wasuka, wehlela ehlane lasePharanu.

Verse 2: Kwakukhona umuntu eMahoni onemfuyo yakhe eKarmeli; lowo muntu wayemkhulu kakhulu, wayenezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.

Verse 3: Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle, kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi.

Verse 4: UDavide wezwa ehlane ukuthi uNabali ugunda izimvu zakhe.

Verse 5: UDavide wathuma izinsizwa eziyishumi; uDavide wathi kuzo izinsizwa: “Khuphukelani eKarmeli, niye kuNabali, nimbingelele egameni lami,

Verse 6: nithi kumfowethu: ‘Ukuthula makube kuwe, ukuthula nakube kuyo indlu yakho, ukuthula makube kukho konke onakho.

Verse 7: “ ‘Manje sengizwile ukuthi unabagundi; abelusi bakho babe nathi, asibalimazanga, abalahlekelwa lutho zonke izinsuku beseKarmeli.

Verse 8: Buza izinsizwa zakho, ziyakukutshela; ngalokho izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba sifikile ngosuku oluhle; ake unike izinceku zakho nendodana yakho uDavide okungafunyanwa esandleni sakho.’ ”

Verse 9: Sezifikile izinsizwa zikaDavide zakhuluma kuNabali njengawo onke lawo mazwi egameni likaDavide, bese zilinda.

Verse 10: UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese na? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.

Verse 11: Ngithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nengikuhlabele abagundi bami, ngikuphe abantu engingabazi ukuthi bavelaphi, na?”

Verse 12: Zase ziphenduka izinsizwa zikaDavide endleleni yazo, zabuyela, zamtshela onke lawo mazwi.

Verse 13: UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe; kwakhuphuka emva kukaDavide abantu kungathi abangamakhulu amane, kepha abangamakhulu amabili bahlala empahleni.

Verse 14: Kodwa enye yezinsizwa yamtshela u-Abigayili umkaNabali, yathi: “Bheka, uDavide wathuma izithunywa zivela ehlane ukuba zibingelele inkosi yethu, kepha yazithukuthelela.

Verse 15: Nokho labo bantu basiphatha kahle, asilimalanga, asilahlekelwanga lutho zonke izinsuku sisahambisana nabo sisendle;

Verse 16: babe lugange kithi ubusuku nemini, sonke isikhathi sinabo salusa izimvu.

Verse 17: Ngalokho yazi, ubone ukuthi uyakwenzani, ngokuba okubi sekunqunyelwe inkosi yethu nendlu yayo yonke, lokhu engumuntu omubi kangaka, ukuze umuntu angekhulume naye.”

Verse 18: U-Abigayili wayeseshesha, wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili, nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya ayisihlanu otshwele, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni.

Verse 19: Wathi kuzo izinsizwa: “Hambani phambi kwami; bhekani, ngiyanilandela.” Kepha akayitshelanga indoda yakhe uNabali.

Verse 20: Kwathi esakhwele imbongolo, esehla endaweni esithekileyo yentaba, bheka, kwehlela kuye uDavide nabantu bakhe, wahlangana nabo.

Verse 21: UDavide wayeshilo ukuthi: “Impela ngikugcinele ize konke lowo muntu anakho ehlane ukuba angalahlekelwa lutho lwakho konke okwakhe, ngokuba ungibuyisele okubi ngokuhle.

Verse 22: UNkulunkulu makenze njalo kuzo izitha zikaDavide, enezele futhi, uma ngishiya ngasekuseni kusasa kukho konke okungokwakhe nokukodwa okungokwesilisa.”

Verse 23: Lapho u-Abigayili embona uDavide, washesha wehlika embongolweni yakhe, wawa ngobuso phambi kukaDavide, wakhothamela phansi.

Verse 24: Wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Lobo bubi mabube phezu kwami, nkosi; incekukazi yakho mayikhulume ezindlebeni zakho, uzwe amazwi encekukazi yakho.

Verse 25: Inkosi yami mayinganakekeli lowo muntu omubi uNabali, ngokuba unjengegama lakhe, unjalo yena; nguNabali igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithumayo.

Verse 26: “Ngalokho, nkosi, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, njengokuba uJehova ekuvimbele ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sakho, ngalokho-ke mazibe njengoNabali izitha zakho nabayifunela inkosi yami ububi.

Verse 27: Manje-ke, lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami.

Verse 28: Ake uthethelele icala lencekukazi yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova; ububi abuyikufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho.

Verse 29: Noma kusukuma umuntu ukukuxosha nokufuna ukuphila kwakho, umphefumulo wenkosi yami uyakube uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.

Verse 30: Kuyakuthi lapho uJehova esekwenzile enkosini yami njengakho konke okuhle akukhulumileyo ngawe, akubeke ube ngumbusi kwa-Israyeli,

Verse 31: akuyikuba yisikhubekiso kuwe, kungabi nesanya enhliziyweni yenkosi yami ukuthi uchithile igazi ngeze nokuthi inkosi yami izisindisile; kepha lapho uJehova eseyenzele inkosi yami okuhle, khumbula incekukazi yakho.”

Verse 32: UDavide wayesethi ku-Abigayili: “Makabusiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli okuthume namuhla ukungihlangabeza.

Verse 33: Futhi makubusiswe ukuhlakanipha kwakho, ubusiswe nawe ongivimbele namuhla ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sami.

Verse 34: Ngokuba impela, kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ongivimbele ukuze ngingakulimazi, uma ungasheshanga ukuza ukuba ungihlangabeze, impela nga kungasalanga kuNabali ngasekuseni kusasa nokukodwa okungokwesilisa.”

Verse 35: UDavide wayesamukela esandleni sakhe lokho amlethele khona; wathi kuye: “Khuphukela endlini yakho ngokuthula; bheka, ngililalele izwi lakho, ngibuvumile ubuso bakho.”

Verse 36: U-Abigayili wafika kuNabali; bheka, wayenedili endlini yakhe, linjengedili lenkosi; inhliziyo kaNabali yayithokoza phakathi kwakhe, ngokuba wayephuze kakhulu; ngalokho akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.

Verse 37: Kwathi ekuseni, lapho iwayini seliphumile kuNabali, umkakhe wamtshela lezo zinto, inhliziyo yakhe yafa phakathi kwakhe, waba njengetshe.

Verse 38: Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi uJehova wamshaya uNabali, wafa.

Verse 39: UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe.” UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.

Verse 40: Izinceku zikaDavide sezifikile ku-Abigayili eKarmeli, zakhuluma kuye, zathi: “UDavide usithumile kuwe ukuba akuthathe, ube ngumkakhe.”

Verse 41: Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi, wathi: “Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqilakazi sokugeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.”

Verse 42: U-Abigayili washesha wasuka, wakhwela imbongolo kanye nezintombi zakhe ezazihamba naye; wazilandela izithunywa zikaDavide, waba ngumkakhe.

Verse 43: UDavide wathatha no-Ahinohama waseJizreyeli; baba ngomkakhe bobabili.

Verse 44: Kepha uSawule wayesemnike uPaliti indodana kaLayishi waseGalimi uMikhali indodakazi yakhe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories