1 Samuel - Chapter 20

Verse 1: UDavide wabaleka eNayoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”

Verse 2: Wathi kuye: “Makube kude lokho; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.”

Verse 3: UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”

Verse 4: UJonathani wayesethi kuDavide: “Noma kuyini inhliziyo yakho ekushoyo, ngiyakukwenzela khona.”

Verse 5: UDavide wathi kuJonathani: “Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga; angifanele ukuphutha ukuhlala nenkosi ekudleni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa.

Verse 6: Uma uyihlo engifica ngingekho, wothi: ‘UDavide wacela nokucela ukuba agijimele eBetlehema umuzi wakhe, ngokuba kukhona lapho umhlatshelo weminyaka ngeminyaka owenzelwa wonke umndeni wakubo.’

Verse 7: Uma esho ukuthi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyakuba nokuthula; kepha uma ethukuthela, yazi-ke ukuthi unqume okubi.

Verse 8: Ngalokho yenzela inceku yakho isihawu, ngokuba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova nawe; kepha uma kukhona ububi kimi, ngibulale wena, ngokuba ubuyakungiyiselani kuyihlo na?”

Verse 9: UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi nakanci ukuthi kunqunywe okubi ngubaba ukuba wehlelwe yikho, bengingayikukutshela na?”

Verse 10: UDavide wayesethi kuJonathani: “Ngubani oyakungitshela, uma mhlawumbe uyihlo ekuphendula kabi na?”

Verse 11: UJonathani wathi kuDavide: “Woza siye endle.” Baphuma bobabili, baya endle.

Verse 12: UJonathani wathi kuDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, nxa ngimphenya ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, bheka, uma kukuhle kuDavide, ngiyakuthumela kuwe, ngikwambulele kuwe.

Verse 13: UJehova makenze njalo kuJonathani, enezele futhi, uma kukuhle kubaba ukukwenzela okubi, ngingakwambuleli kuwe, ngikuvumele ukuba uhambe kahle; uJehova makabe nawe, njengalokho ayenobaba.

Verse 14: Awuyikungenzela umusa kaJehova ukuba ngingafi ngisekhona kuphela,

Verse 15: kepha futhi mawunganqumi isihawu sakho endlini yami kuze kube phakade, hhayi nalapho uJehova esenqumile zonke izitha zikaDavide ebusweni bomhlaba.”

Verse 16: UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide.

Verse 17: UJonathani waphinda wamfungisa ukumthanda kwakhe, ngokuba wamthanda njengokuba ethanda umphefumulo wakhe.

Verse 18: UJonathani wayesethi kuye: “Kusasa iyakwethwasa inyanga; uyakuficwa ungekho, ngokuba isihlalo sakho siyakuba ze.

Verse 19: Usuhlalile izinsuku ezintathu; yehla masinyane, uye kuleyo ndawo owacasha kuyo ngosuku lwesenzo leso, uhlale ngasetsheni lase-Ezeli.

Verse 20: Ngiyakucibishela imicibisholo emithathu ngaseceleni kwalo, kungathi ngicibishela isigcibisholo.

Verse 21: Bheka, ngiyakuthuma umfana ngokuthi: ‘Hamba ufune imicibisholo.’ Uma ngithi kumfana: ‘Bheka, imicibisholo inganeno kwakho, yithathe,’ woza wena, ngokuba ungaba nokuthula, akukho lutho, kuphila kukaJehova.

Verse 22: Kepha uma ngithi kanje kumfana: ‘Bheka, imicibisholo ingalaphaya kwakho,’ hamba, ngokuba uJehova ukumukisile.

Verse 23: Namaqondana nendaba esikhulume ngayo mina nawe, bheka, uJehova uphakathi kwakho nami kuze kube phakade.”

Verse 24: UDavide wacasha masinyane endle; isethwasile inyanga, inkosi yahlala ekudleni ukuba idle.

Verse 25: Inkosi yahlala esihlalweni sayo njengakwezinye izikhathi, isihlalo esingasodongeni; uJonathani wema, u-Abineri wahlala ngaseceleni kukaSawule; kepha indawo kaDavide yayiyize.

Verse 26: Kodwa uSawule akakhulumanga lutho ngalolo suku, ngokuba wacabanga ukuthi: “Okuthile kumehlele; akahlambulukile, impela akahlambulukile.”

Verse 27: Kwathi ngangomuso emva kokwethwasa kwenyanga ngolwesibili indawo kaDavide yayiyize; uSawule wathi kuJonathani indodana yakhe: “Indodana kaJese ayifikanga ngani ekudleni nayizolo nanamuhla na?”

Verse 28: UJonathani wamphendula uSawule, wathi: “UDavide wangicela nokungicela ukuba aye eBetlehema,

Verse 29: wathi: ‘Ake ungivumele ukuba ngihambe, ngokuba umndeni wakithi unomhlatshelo emzini; umfowethu ungiyalile; manje-ke, uma ngifumene umusa emehlweni akho, mangihambe ngibone abafowethu.’ Ngalokho akafikanga etafuleni lenkosi.”

Verse 30: Intukuthelo kaSawule yayisimvuthela uJonathani, wathi kuye: “Wena ndodana yowesifazane owonakeleyo nohlubukileyo, angazi yini ukuthi ukhethile indodana kaJese kube yihlazo lakho nehlazo lobunqunu bukanyoko, na?

Verse 31: Ngokuba izinsuku zonke indodana kaJese isekhona emhlabeni awuyikuzinza nombuso wakho. Ngalokho thumela umlethe kimi, ngokuba ungowokufa yena.”

Verse 32: UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyakubulalelwani? Wenzeni na?”

Verse 33: USawule wamgema ngomkhonto ukuba amgwaze; wayesekwazi uJonathani ukuthi uyise unqume ukumbulala uDavide.

Verse 34: UJonathani wasuka etafuleni evutha ulaka, akadlanga kudla ngosuku lwesibili lwenyanga, ngokuba wayenosizi ngenxa kaDavide, lokhu uyise emhlazisile.

Verse 35: Kwathi ekuseni uJonathani waphuma, waya endle ngesikhathi abasimisile noDavide, umfana omncane enaye.

Verse 36: Wathi kumfana wakhe: “Gijima, ufune imicibisholo engiyicibishelayo.” Esagijima umfana, wacibishela umcibisholo ngaphambi kwakhe.

Verse 37: Umfana esefikile endaweni yomcibisholo uJonathani ayicibisheleyo, uJonathani wamemeza emva komfana, wathi: “Umcibisholo awungaphambi kwakho na?”

Verse 38: UJonathani wamemeza emva komfana, wathi: “Shesha, ukhawuleze, ungemi.” Umfana kaJonathani waqoqa imicibisholo, wafika enkosini yakhe.

Verse 39: Kepha umfana wayengazi lutho; oJonathani noDavide kuphela babeyazi le ndaba.

Verse 40: UJonathani wanika umfana wakhe izikhali zakhe, wathi kuye: “Hamba, uziyise emzini.”

Verse 41: Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.

Verse 42: UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakuba phakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenzalo yakho kuze kube phakade.’ ” Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories