Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 2: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma owesifazane ekhulelwa, azale umfana, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa; njengasemihleni yokungcola ngefindo lakhe wohlala engcolile.
Verse 3: Ngosuku lwesishiyagalombili inyama yejwabu lakhe iyakusokwa.
Verse 4: Abesehlala esegazini lokuhlambuluka izinsuku ezingamashumi amathathu nantathu, angathinti lutho olungcwele, angangeni endlini engcwele, zize ziphelele izinsuku zokuhlambuluka kwakhe.
Verse 5: Kepha uma ezala intombazana, makabe ngongcolile amasonto amabili njengasekungcoleni ngefindo lakhe, ahlale esegazini lokuhlambuluka izinsuku ezingamashumi ayisithupha nesithupha.
Verse 6: “ ‘Nanxa seziphelile izinsuku zokuhlambuluka kwakhe ngomfana noma ngentombazana, makalethe imvu enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono, akulethe ngasemnyango wetende lokuhlangana kumpristi,
Verse 7: yena anikele ngakho phambi kukaJehova, amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke emthonjeni wegazi lakhe. Yilowo umthetho wozalayo umfana noma intombazana.
Verse 8: “ ‘Uma amandla akhe enganeli imvu, khona uyakuthatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke.’ ”