Verse 1: “ ‘Ningenzi izithombe, ningamisi izithombe ezibaziweyo noma insika; ningabeki itshe elinemifanekiso ezweni lakini ukukhothamela kulo; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.
Verse 2: “ ‘Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indlu yami engcwele; nginguJehova.
Verse 3: “ ‘Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze,
Verse 4: ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.
Verse 5: Ukubhula kwenu kuyakufinyelela ekuvunweni kwemivini, ukuvunwa kwemivini kuyakufinyelela esikhathini sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, nihlale ezweni lakini nilondekile.
Verse 6: “ ‘Ngiyakunika ukuthula ezweni, nilale phansi ningesatshiswa muntu; ngiyakuqothula izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyikudabula ezweni lakini.
Verse 7: Niyakuxosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba.
Verse 8: Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba.
Verse 9: “ ‘Ngiyakuninaka, nginenze ukuba nizale, nande, ngimise isivumelwano sami nani.
Verse 10: Niyakudla unyasa omdala, nikhiphe unyasa ngenxa yokusha.
Verse 11: Ngiyakubeka itabernakele lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyikunengwa yinina.
Verse 12: Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu wenu, nibe ngabantu bami.
Verse 13: NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme.
Verse 14: “ ‘Kepha uma ningalaleli, ningayenzi yonke le miyalo,
Verse 15: uma nilahla izimiso zami, uma umphefumulo wenu unengwa yizahlulelo zami, ukuze ningayenzi yonke imiyalo yami, kepha naphule isivumelwano sami,
Verse 16: nami ngiyakwenza lokhu kini; ngiyakunehlisela ingebhe nesifuba nomkhuhlane oyakuqeda amehlo, udangalise umphefumulo; niyakuhlwanyela ngeze imbewu yenu, ngokuba izitha zenu ziyakuyidla.
Verse 17: Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.
Verse 18: “ ‘Kepha uma ningangilaleli nangalezo zinto, ngiyakubuye nginishaye kasikhombisa ngezono zenu.
Verse 19: Ngiyakwaphula ukuzidla kwamandla enu, ngenze izulu lenu libe njengensimbi, nomhlabathi wenu ube njengethusi.
Verse 20: Amandla enu ayakuchithwa ngeze, ngokuba izwe lakini aliyikuthela ukudla kwalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.
Verse 21: “ ‘Uma nihamba niphambene nami, ningangilaleli, ngiyakubuye nginehlisele izinhlupheko ziphindwe kasikhombisa njengezono zenu.
Verse 22: Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.
Verse 23: “ ‘Kepha uma ningaxwayiswa yimi ngalezo zinto, kodwa nihamba niphambene nami,
Verse 24: nami ngiyakuhamba ngiphambene nani, nginishaye, yebo, mina, kasikhombisa ngezono zenu.
Verse 25: Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.
Verse 26: Nxa ngaphula uzime lwesinkwa, abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye, babuyise isinkwa senu ngesisindo; niyakudla ningasuthi.
Verse 27: “ ‘Kepha uma ningangilaleli nangazo zonke lezo zinto, kodwa nihamba niphambene nami,
Verse 28: nami ngiyakuhamba ngiphambene nani ngokufutheka, ngikushaye kasikhombisa ngezono zakho.
Verse 29: Niyakudla inyama yamadodana enu, nenyama yamadodakazi enu niyakuyidla.
Verse 30: Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume ama-altare enu empepho, ngilahle izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu; umphefumulo wami uyakunengwa yinina.
Verse 31: Ngiyakuyenza imizi yenu ibe yizwekufa, ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwenu olumnandi.
Verse 32: Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngakho.
Verse 33: Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni, ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.
Verse 34: Khona izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lihlezi lichithekile, nina nisekhona ezweni lezitha zenu; khona izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo.
Verse 35: Ngesikhathi lihlezi lichithekile liyakuphumula, lokho kuphumula elalingenakho ngamasabatha enu, lapho nanisahlezi kulo.
Verse 36: “ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu.
Verse 37: Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.
Verse 38: Niyakubhubha phakathi kwezizwe, izwe lezitha zenu linidle.
Verse 39: Abaseleyo bakini bayakonda ngobubi babo emazweni ezitha zenu, nangobubi bawoyise bayakonda kanye nabo.
Verse 40: “ ‘Bayakuvuma ububi babo nobubi bawoyise ngeziphambeko zabo abaphambeka ngazo kimi, nokuthi njengokuba bahamba bephambene nami,
Verse 41: nami ngahamba ngiphambene nabo, ngabayisa ezweni lezitha zabo; uma-ke izinhliziyo zabo ezingasokile zithobeka, besamukela isijeziso sobubi babo,
Verse 42: ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe; nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.
Verse 43: Izwe liyakushiywa yibo, lithokoze ngamasabatha alo, lisahlezi lichithekile, lingenabo; bayakwamukela isijeziso sobubi babo, ngokuba, yebo, ngokuba balahla izahlulelo zami nangokuba umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.
Verse 44: Kepha uma kunjalo, sebekhona ezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, nginganengwa yibo, ukuze ngibaqothule, ngisaphule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;
Verse 45: kepha ngenxa yabo ngiyakukhumbula isivumelwano sawokhokho babo engabakhipha ezweni laseGibithe emehlweni ezizwe ukuba ngibe nguNkulunkulu wabo; nginguJehova.’ ”
Verse 46: Lezo ziyizimiso nezahlulelo nemithetho akwenzayo uJehova phakathi kwakhe nabantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi ngesandla sikaMose.