Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 2: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu enza isithembiso esithile, lapho uyakulinganisa abantu kuJehova,
Verse 3: ukulinganisa kwakho owesilisa, kusukela koneminyaka engamashumi amabili kuze kube koneminyaka engamashumi ayisithupha, kuyakuba ngamashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele.
Verse 4: Uma kungowesifazane, ukulinganisa kwakho kuyakuba ngamashekeli angamashumi amathathu.
Verse 5: Uma kusukela koneminyaka eyisihlanu kuze kube koneminyaka engamashumi amabili, ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba ngamashekeli angamashumi amabili, nowesifazane amashekeli ayishumi.
Verse 6: Uma kusukela konenyanga kuze kube koneminyaka eyisihlanu, ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba ngamashekeli ayisihlanu esiliva, nokulinganisa kwakho owesifazane kuyakuba ngamashekeli amathathu esiliva.
Verse 7: Uma kusukela koneminyaka engamashuni ayisithupha kuya phezulu, nalapho kungowesilisa, ukulinganisa kwakho kuyakuba ngamashekeli ayishumi nanhlanu, nowesifazane kube ngamashekeli ayishumi.
Verse 8: Kepha uma empofu kunokulinganisa kwakho, uyakubekwa phambi kompristi, umpristi amlinganise; umpristi uyakumlinganisa ngokwamandla akhe owathembisayo.
Verse 9: “ ‘Uma kuyizilwane okunganikelwa ngazo kuJehova, zonke ezinjalo umuntu anikela ngazo kuJehova ziyakuba ngcwele.
Verse 10: Akayikuziphambanisa, angazenani ngezinye, esihle ngesibi nesibi ngesihle; uma enana nokwenana isilwane ngesilwane, sona leso kanye naso okwenanwa ngaso ziyakuba ngcwele.
Verse 11: Uma kuyisilwane esingcolileyo okunganikelwa ngaso kuJehova, uyakusibeka isilwane phambi kompristi,
Verse 12: umpristi asilinganise, noma sihle noma sibi; njengalokho wena mpristi ulinganisa, kuyakuba njalo.
Verse 13: Kepha uma ethanda ngempela ukusihlenga, uyakuthasisela okwesihlanu kwaso kukho ukulinganisa kwakho.
Verse 14: “ ‘Nxa umuntu eyakungcwelisa indlu yakhe ibe ngcwele kuJehova, umpristi uyakuyilinganisa uma inhle noma imbi; njengalokhu umpristi eyilinganisa, kuyakuba njalo.
Verse 15: Uma oyingcwelisayo ethanda ukuyihlenga indlu yakhe, uyakuthasisela okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, ibe ngeyakhe.
Verse 16: “ ‘Uma umuntu eyakumngcwelisela uJehova inxenye yensimu yefa lakhe, ukulinganisa kwakho kuyakuba njengokuhlwanyelwa kwayo, ukuhlwanyelwa kwehomere lebhali kube ngamashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva.
Verse 17: Uma engcwelisa insimu yakhe kusukela emnyakeni wejubili, iyakuma ngokulinganisa kwakho.
Verse 18: Kepha uma ungcwelisa insimu emva kwejubili, umpristi uyakumbalela imali ngeminyaka eseleyo kuze kufike umnyaka wejubili, kuncishiswe ukulinganisa kwakho.
Verse 19: Uma ongcwelisa insimu ethanda ngempela ukuyihlenga, uyakuthasisela kuyo okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, iqiniswe kuye.
Verse 20: Uma engahlengi insimu, noma ethengisile ngensimu komunye umuntu, ayisayikuhlengwa.
Verse 21: Kepha insimu ekuphumeni kwayo ngejubili iyakuba ngcwele kuJehova njengensimu eyahlukaniswayo; iyakuba yifa lompristi.
Verse 22: “ ‘Uma engcwelisela uJehova insimu ayithengileyo, engesiyo insimu yefa lakhe,
Verse 23: umpristi uyakumbalela imali yokulinganisa kwakho kuze kufike umnyaka wejubili, anike ukulinganisa kwakho ngalolo suku kube yinto engcwele kuJehova.
Verse 24: Ngomnyaka wejubili insimu iyakubuyela kuye eyathengwa kuye, yebo, kuye olifa lensimu lingelakhe.
Verse 25: Konke ukulinganisa kwakho kuyakuba ngokweshekeli lendlu engcwele; amagera angamashumi amabili ayakuba yishekeli.
Verse 26: “ ‘Kepha izibulo lezilwane elenziwe libe yizibulo kuJehova aliyikungcweliswa muntu; noma liyinkabi noma liyimvu, lingelikaJehova.
Verse 27: Uma kungelesilwane esingcolileyo, uyakulihlenga ngokulinganisa kwakho, athasisele kukho okwesihlanu kwakho; uma lingahlengwa, kuyakuthengiswa ngalo ngokulinganisa kwakho.
Verse 28: “ ‘Nokho into yonke eyahlukaniswa, umuntu ayahlukanisela uJehova kukho konke anakho, noma abantu, noma izilwane, noma insimu yefa lakhe, akuyikuthengiswa ngayo, ingahlengwa; konke okwahlukanisiwe kungcwelengcwele kuJehova.
Verse 29: “ ‘Akukho muntu owaqalekiswayo, owaqalekiswa kubantu, ongahlengwa; wobulawa nokubulawa.
Verse 30: “ ‘Nokweshumi konke kwezwe, okwembewu yezwe noma okwezithelo zemithi, kungokukaJehova; kungcwele kuJehova.
Verse 31: Uma umuntu ethanda ukuhlenga okuthile okokweshumi kwakhe, uyakuthasisela kukho okwesihlanu kwakho.
Verse 32: Konke okweshumi kwezinkomo noma okwezimvu, zonke ezidlula phansi kwentonga, okweshumi kuyakuba ngcwele kuJehova.
Verse 33: Akayikuhlola, uma kuhle noma kubi, angakwenani ngokunye; kepha uma ngempela ekwenana ngokunye, lokhu nalokho akwenana ngakho kuyakuba ngcwele; akuyikuhlengwa.’ ”
Verse 34: Leyo iyimiyalo uJehova ayala ngayo uMose ngabantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi.