Leviticus - Chapter 8

Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

Verse 2: “Thabatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama zombili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,

Verse 3: ubuthele inhlangano yonke ngasemnyango wetende lokuhlangana.”

Verse 4: UMose wenza njengalokho uJehova emyalile; inhlangano yabuthelwa ngasemnyango wetende lokuhlangana.

Verse 5: UMose wayesethi kuyo inhlangano: “Nansi into uJehova ayale ngayo ukuba yenziwe.”

Verse 6: UMose waletha u-Aroni namadodana akhe, wabageza ngamanzi.

Verse 7: Wamfaka ibhantshi, wambhincisa ibhande, wamembathisa ijazi; wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, wayibophela kuye ngalo.

Verse 8: Wamfaka isihlangu sesifuba, nasesihlangwini sesifuba wabeka i-Urimi neThumimi.

Verse 9: Wafaka isigqoko ekhanda lakhe, nasesigqokweni ngaphambili wafaka ungcwecwe wegolide, umqhele ongcwele, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Verse 10: UMose wathatha amafutha okugcoba, waligcoba itabernakele nakho konke okuphakathi kwalo, wakungcwelisa.

Verse 11: Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa, waligcoba i-altare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.

Verse 12: Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba ukuba angcweliswe.

Verse 13: UMose wayeseletha amadodana ka-Aroni, wawembathisa amabhantshi, wawabhincisa amabhande, wawafaka izigqoko, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Verse 14: Waletha nenkunzi yomnikelo wesono; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenkunzi yomnikelo wesono.

Verse 15: Wayeseyihlaba; uMose wathatha igazi, walibheca ezimpondweni ze-altare nxazonke ngomunwe wakhe, waliphothula i-altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare, walingcwelisa ukuba alenzele ukubuyisana.

Verse 16: Wathatha onke amanoni aphezu kwezibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni azo, uMose wakushisa e-altare.

Verse 17: Kepha inkunzi nesikhumba sayo, nenyama yayo, nomswani wayo, wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Verse 18: Wayeseletha inqama yomnikelo wokushiswa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.

Verse 19: Wayihlaba, uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke.

Verse 20: Wayeseyihlahlela inyama izitho; uMose washisa inhloko nezitho namanoni.

Verse 21: Wahlanza izibilini namanqina ngamanzi; uMose washisa yonke inqama e-altare; yayingumnikelo wokushiswa, waba yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Verse 22: Waletha nenye inqama, inqama yokwahlukaniselwa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.

Verse 23: Wayihlaba; uMose wathatha igazi layo, walibheca esicutshini sendlebe yokunene ka-Aroni, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene.

Verse 24: Wayeseletha amadodana ka-Aroni, uMose walibheca igazi esicutshini sendlebe yabo yokunene, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene; uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke.

Verse 25: Wawathatha amanoni, nomsila ononileyo, nawo onke amanoni aphezu kwezibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni azo, nomlenze wokunene,

Verse 26: naseqomeni lezinkwa ezingenamvubelo elalisebusweni bukaJehova wathatha iqebelengwane laba linye elingenamvubelo, neqebelengwane laba linye lesinkwa samafutha, nomqathane munye, wakubeka phezu kwamanoni naphezu komlenze wokunene,

Verse 27: wakubeka konke ezandleni zika-Aroni, nasezandleni zamadodana akhe, wakuzulisa kwaba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.

Verse 28: UMose wayesekuthatha ezandleni zabo, wakushisa e-altare emnikelweni wokushiswa; kwakungokokwahlukaniselwa, kwaba yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.

Verse 29: UMose wathatha isifuba, wasizulisa saba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; sasiyisabelo sikaMose sasenqameni yokwahlukaniselwa, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Verse 30: UMose wayesethatha amafutha okugcoba, negazi elalise-altare, wafafaza ngalo u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe, wangcwelisa u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe.

Verse 31: Wathi uMose ku-Aroni nakumadodana akhe: “Phekani inyama ngasemnyango wetende lokuhlangana, niyidle kanye nesinkwa esiseqomeni lokwahlukaniselwa, njengalokho ngayala ngathi: ‘U-Aroni namadodana akhe bayakukudla.’

Verse 32: Okuseleyo kwenyama nokwesinkwa anokushisa ngomlilo.

Verse 33: Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana izinsuku eziyisikhombisa, kungakapheli izinsuku zokwahlukaniselwa kwenu, ngokuba uyakunahlukanisela izinsuku eziyisikhombisa.

Verse 34: UJehova uyalile ukuba kwenziwe njengalokho kwenziwe namuhla, ukuze nenzelwe ukubuyisana.

Verse 35: Ngasemnyango wetende lokuhlangana niyakuhlala imini nobusuku izinsuku eziyisikhombisa, nisigcine isiyalezo sikaJehova, ukuze ningafi, ngokuba ngiyaliwe kanjalo.”

Verse 36: U-Aroni namadodana akhe benza konke uJehova ayale ngakho ngesandla sikaMose.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories