Leviticus - Chapter 22

Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

Verse 2: “Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe ukuba bahlukane nezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abangingcwelisela zona, bangalihlambalazi igama lami elingcwele; nginguJehova.

Verse 3: “Yisho kubo ukuthi: ‘Yilowo nalowo wenzalo yenu yonke ezizukulwaneni zenu osondela ezintweni ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abazingcwelisela uJehova, esengcolile, lowo muntu uyakunqunywa, angabikho phambi kwami; nginguJehova.

Verse 4: “ ‘Yilowo nalowo wenzalo ka-Aroni onochoko noma ocucuzayo akayikudla izinto ezingcwele aze ahlambuluke. Nalowo othinta okungcolile ngabafileyo, noma umuntu oshaywa yizibuko,

Verse 5: nalowo othinta okunwabuzelayo angangcoliswa ngakho, noma umuntu angangcoliswa ngaye, nakuba enokungcola kuni,

Verse 6: umuntu othinta okunjalo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, uma engagezi umzimba wakhe ngamanzi.

Verse 7: Selishonile ilanga uyakuba ngohlambulukile, andukuba adle izinto ezingcwele, ngokuba ziyisinkwa sakhe.

Verse 8: Ingcuba nokudweshulwe yizilo akayikukudla ukuzingcolisa ngakho; nginguJehova.

Verse 9: “ ‘Ngalokho abogcina isiyalezo sami, funa babe nesono ngaso, bafele kuso, uma besihlambalaza, nginguJehova obangcwelisayo.

Verse 10: “ ‘Umfokazi akayikudla okungcwele; umuntu ogogobeleyo wompristi noma umqashwa angadli okungcwele.

Verse 11: Kepha uma umpristi ethenga umuntu eyintengo yemali yakhe, yena angakudla; nabazelwe emzini wakhe bangadla isinkwa sakhe.

Verse 12: Uma indodakazi yompristi igana umfokazi, yona mayingadli emnikelweni wokuphakanyiswa wezinto ezingcwele.

Verse 13: Kepha uma indodakazi yompristi ingumfelokazi noma ingolahliweyo ingenamntwana, bese yibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakudla isinkwa sikayise; kepha umfokazi makangasidli.

Verse 14: “ ‘Uma umuntu edla okungcwele engazi, wothasisela okwesihlanu kwakho, amnike umpristi okungcwele.

Verse 15: Abayikuhlambalaza izinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngazo kuJehova,

Verse 16: bangabethwesi ububi obutholisa icala, lapho bedla izinto zabo ezingcwele; ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.’ ”

Verse 17: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

Verse 18: “Yisho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo wendlu ka-Israyeli noma umfokazi kwa-Israyeli onikela ngomnikelo wakhe, noma owesithembiso sakhe noma oweminikelo yakhe yesihle, okunikelwa ngayo kuJehova ibe ngumnikelo wokushiswa,

Verse 19: ukuze namukeleke, wonikela ngeduna elingenasici lezinkomo, elezimvu noma elezimbuzi.

Verse 20: Noma yintoni enesici aniyikunikela ngayo; ngokuba aniyikwamukeleka ngayo.

Verse 21: Umuntu onikela ngomhlatshelo weminikelo yokuthula kuJehova ukugcwalisa isithembiso noma owomnikelo wesihle ezinkomeni noma ezimvini, umelwe ukuphelela ukuba wamukeleke, kungabi sici kuwo.

Verse 22: Ephuphuthekayo noma eyaphukileyo noma elimeleyo noma enesilonda noma enokhwekhwe noma enomuna, ninganikeli ngazo kuJehova, futhi ninganikeli ngazo zibe ngumnikelo womlilo e-altare kuJehova.

Verse 23: Inkunzi noma imvana enesitho esidluleleyo noma enesitho esincane, unganikela ngazo zibe ngumnikelo wesihle, kepha uma ungowesithembiso awunakwamukeleka.

Verse 24: Aniyikunikela kuJehova ngento etheniwe ngokukhandwa noma ngokuchotshozwa noma ngokudwengulwa noma ngokunqunywa; ningenzi kanjalo ezweni lakini.

Verse 25: Aniyikwamukela esandleni sowezizwe, ninikele ngezinjalo zibe yisinkwa sikaNkulunkulu wenu, ngokuba ukonakala kwazo kukuzo, zinobulima; aniyikwamukeleka ngazo.’ ”

Verse 26: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

Verse 27: “Nxa kuzalwa inkunzi noma imvu noma imbuzi, iyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; kusukela osukwini lwesishiyagalombili nangasemuva iyakwamukelwa ibe ngumnikelo womlilo kuJehova.

Verse 28: Noma kuyinkomazi noma imvukazi, aniyikuyihlaba kanye nomntwana wayo ngalusuku lunye.

Verse 29: “Nxa nihlabela uJehova umhlatshelo wokubonga, niyakumhlabela ukuba namukeleke.

Verse 30: Uyakudliwa ngalolo suku, ningashiyi lutho lwawo kuze kuse; nginguJehova.

Verse 31: “Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.

Verse 32: Ningahlambalazi igama lami elingcwele; kepha ngiyakungcweliswa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; nginguJehova oningcwelisayo,

Verse 33: owanikhipha ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguJehova.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories