Verse 1: Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.
Verse 2: Kukhona isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa, isikhathi sokutshala nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo;
Verse 3: isikhathi sokubulala nesikhathi sokuphilisa, isikhathi sokudiliza nesikhathi sokwakha;
Verse 4: isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka, isikhathi sokulila nesikhathi sokusina;
Verse 5: isikhathi sokuphonsa amatshe nesikhathi sokuqoqa amatshe, isikhathi sokugona nesikhathi sokungagoni;
Verse 6: isikhathi sokufuna nesikhathi sokulahlekelwa, isikhathi sokugcina nesikhathi sokuhlahla;
Verse 7: isikhathi sokuklebhula nesikhathi sokuthunga, isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma;
Verse 8: isikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda, isikhathi sokulwa nesikhathi sokuzola.
Verse 9: Unanzuzoni osebenzayo ngalokho akushikashikayo na?
Verse 10: Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.
Verse 11: Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.
Verse 12: Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona.
Verse 13: Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.
Verse 14: Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.
Verse 15: Lokhu okukhona yikho okwakukhona, nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona; uNkulunkulu ufuna okudlulileyo.
Verse 16: Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.
Verse 17: Ngase ngithi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uyakwahlulela nolungileyo nomubi, ngokuba kukhona lapha isikhathi sezindaba zonke nesemisebenzi yonke.”
Verse 18: Ngathi enhliziyweni yami: “Kungenxa yamadodana abantu ukuze uNkulunkulu awavivinye, wona azibonele ukuthi anjengezilwane nje.
Verse 19: Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.
Verse 20: Konke kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.
Verse 21: Ngubani owaziyo ukuthi umoya wamadodana abantu ukhuphukela phezulu, nomoya wezilwane ukuthi wehlela phansi emhlabathini, na?”
Verse 22: Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?