Ecclesiastes - Chapter 4

Verse 1: Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.

Verse 2: Ngase ngibusisa abafileyo asebafa kunabaphilayo abasekhona,

Verse 3: kepha badlulwa bobabili nguye ongakabikho, ongabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga.

Verse 4: Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.

Verse 5: Isiwula siyasonga izandla zaso, sidle umzimba waso.

Verse 6: Kungcono ukhweshe lokuthula kunezandla zombili zigcwele umshikashika kanye nokufuna umoya.

Verse 7: Ngase ngibuye ngabona okunye okuyize phansi kwelanga:

Verse 8: Kukhona oyedwa, kanaye owesibili, yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: “Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?” Nalokho kuyize nenhlupheko embi.

Verse 9: Kungcono ababili kunoyedwa, ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo.

Verse 10: Ngokuba uma bewa, omunye uyavusa umngane wakhe; kepha maye kuye oyedwa lapho ewa, engenawesibili wokumvusa!

Verse 11: Futhi uma ababili belele ndawonye, banokufudumala, kepha oyedwa angafudumala kanjani na?

Verse 12: Nakuba umuntu ahlula oyedwa, ababili bayakuma phambi kwakhe, nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.

Verse 13: Kungcono umfana ompofu ohlakaniphileyo kunenkosi egugileyo eyisiwula, engasakwazi ukuxwayiswa,

Verse 14: ngokuba waphuma etilongweni ukuba abe yinkosi, yebo, wazalwa embusweni wayo empofu.

Verse 15: Ngabona bonke abaphilayo ababehamba phansi kwelanga bekanye nalowo mfana obeyakuma esikhundleni sakhe;

Verse 16: kwakungekho ukuphela kwabantu bonke, bonke ayephambi kwabo; nokho abafika emuva abayikuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize nokufuna umoya.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories