Verse 1: Ngubani onjengohlakaniphileyo na? Ngubani owazi ukuchasisela indaba na? Ukuhlakanipha komuntu kuyakhanyisa ubuso bakhe, nobulukhuni bobuso bakhe buyaguqulwa.
Verse 2: Ngithi: Gcina izwi lenkosi ngenxa yesifungo ngoNkulunkulu.
Verse 3: Ungasheshi ukusuka ebusweni bayo, ungemi endabeni embi, ngokuba yenza konke ekuthandayo.
Verse 4: Ngokuba izwi lenkosi liyabusa; ngubani ongasho kuyo ukuthi: “Wenzani na?”
Verse 5: Ogcina umyalo akayikwazi okubi: nenhliziyo yohlakaniphileyo iyakwazi isikhathi nokwahlulela,
Verse 6: ngokuba kukhona isikhathi nokwahlulela ezindabeni zonke; nokho ububi bomuntu bukhulu phezu kwakhe,
Verse 7: lokhu engazi okuyakuba khona, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi kuyakuba kanjani na?
Verse 8: Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye, futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa; ukukhululwa akukho empini, nobubi abunakukhulula umninibo.
Verse 9: Ngabona konke lokho, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga ngesikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe.
Verse 10: Kanjalo ngabona ukuthi ababi bembelwa, ababengenile bephuma endaweni engcwele, bababazeka emzini lapho kade benza okunjalo; nalokho kuyize.
Verse 11: Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi,
Verse 12: ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe;
Verse 13: kodwa akuyikuba kuhle kwababi, nemihla yabo ayiyikwandiswa njengesithunzi, lokhu abesabi phambi kukaNkulunkulu.
Verse 14: Kukhona okuyize okwenziwa emhlabeni kokuthi kukhona abalungileyo abehlelwa ngokomsebenzi wababi, nokuthi kukhona ababi abehlelwa ngokomsebenzi wabalungileyo; ngathi: “Nalokho kuyize.”
Verse 15: Ngase ngibabaza intokozo, ngokuba umuntu akanakho okuhle phansi kwelanga kunokudla, nokuphuza, nokujabula; lokhu kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe ezinsukwini zokuphila kwakhe aziphiweyo nguNkulunkulu phansi kwelanga.
Verse 16: Lapho ngibeka inhliziyo yami ukukwazi ukuhlakanipha nokubona umshikashika owenziwa emhlabeni, ngokuba akakho obona ubuthongo ngamehlo akhe imini nobusuku,
Verse 17: ngase ngiqonda wonke umsebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu akanakuwubamba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga, ngokuba noma umuntu eshikashikeka kangakanani ukuwuhlola, angewuthole, yebo, nakuba ohlakaniphileyo ecabanga ukuthi uyawazi, akanakuwuthola.