Ecclesiastes - Chapter 5

Verse 1: Gcina unyawo lwakho, lapho uya endlini kaNkulunkulu, ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula, ngokuba azazi ukuthi zenza okubi.

Verse 2: Ungabi namawala ngomlomo wakho, nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana.

Verse 3: Ngokuba iphupho livela ngemisebenzi eminingi nephimbo lesiwula ngobuningi bamazwi.

Verse 4: Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza, ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo.

Verse 5: Kungcono ukuba ungenzi isithembiso kunokuba uthembisa ungafezi.

Verse 6: Ungavumeli umlomo wakho ukuba wonise inyama yakho, futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho, achithe umsebenzi wezandla zakho, na?

Verse 7: Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi, kukhona nokuyize namazwi amaningi, kepha wena yesaba uNkulunkulu.

Verse 8: Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.

Verse 9: Inkosi esebenzela amasimu iyinsizakalo yezwe kukho konke.

Verse 10: Othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo; nalokho kuyize.

Verse 11: Lapho okuhle kwanda, nabakudlayo bayanda; kulusizo luni kumninikho ngaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na?

Verse 12: Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha kocebileyo akumvumeli ukuba alale.

Verse 13: Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga: ingcebo egcinelwe umniniyo ukuba imlimaze;

Verse 14: futhi uma ingcebo ichithwa ngengozi embi, indodana ayizalileyo ayinalutho esandleni sayo.

Verse 15: Njengalokho aphuma esizalweni sikanina, uyakubuye amuke, ahambe ze njengasekufikeni kwakhe, engatholi lutho ngomshikashika wakhe, ahambe nalo esandleni sakhe.

Verse 16: Nalokho kungububi obudabukisayo ukuthi uyamuka kukho konke njengokufika kwakhe; unanzuzoni ukuthi ushikashikele umoya na?

Verse 17: Yebo, zonke izinsuku zakhe zisebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni okuningi, nasekuguleni, nasekuthukutheleni.

Verse 18: Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle nokumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.

Verse 19: Futhi bonke abantu uNkulunkulu abaphe ingcebo nemfuyo, abanike futhi namandla okudla kukho ukuba bathathe izabelo zabo, bathokoze ngomshikashika wabo lokho kuyisipho sikaNkulunkulu.

Verse 20: Ngokuba akakhumbuli kakhulu izinsuku zokuphila kwakhe, lokhu uNkulunkulu emnika intokozo enhliziyweni yakhe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories