Ecclesiastes - Chapter 7

Verse 1: Igama elihle lingcono kunamafutha amahle, nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa.

Verse 2: Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke; nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe.

Verse 3: Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngokudabuka kobuso inhliziyo yenzelwa okuhle.

Verse 4: Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila, kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo.

Verse 5: Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula.

Verse 6: Njengokucacamba kwezintathawe eziphansi kwekhanzi, kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize.

Verse 7: Impela ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo, nokuthengwa ngomvuzo kuchitha ingqondo.

Verse 8: Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo; onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.

Verse 9: Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.

Verse 10: Ungasho ukuthi: “Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala zazizinhle kunalezi na?” Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.

Verse 11: Ukuhlakanipha kuhle njengefa, yebo, kunenzuzo kwabalibonayo ilanga,

Verse 12: ngokuba kusemthunzini wokuhlakanipha njengasemthunzini wemali, kepha inzuzo yokwazi ingeyokuba ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.

Verse 13: Bona umsebenzi kaNkulunkulu, ngokuba ngubani ongelula lokho akugobileyo na?

Verse 14: Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe.

Verse 15: Konke ngikubonile emihleni yami eyize: kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.

Verse 16: Ungabi ngolungileyo ngokudluleleyo, ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu; uzichithelani na?

Verse 17: Ungabi mubi ngokudluleleyo, ungabi yisiwula; uyakufelani kungakabi yisikhathi na?

Verse 18: kuhle ukuba ubambelele kulokhu, yebo, ungabuyisi isandla sakho nakulokho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyakuphumelela kukho konke.

Verse 19: Ukuhlakanipha kumenza ohlakaniphileyo ukuba abe namandla kunababusi abayishumi abasemzini.

Verse 20: Ngokuba akukho muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.

Verse 21: Ungabeki inhliziyo yakho emazwini onke akhulunywayo, funa uzwe inceku yakho ikuthuka,

Verse 22: ngokuba kaninginingi inhliziyo yakho iyazi ukuba nawe ubathukile abanye.

Verse 23: Konke lokho ngikuvivinyile ngokuhlakanipha, ngathi: “Ngiyakuhlakanipha,” kepha kwakusala kude nami.

Verse 24: Okude nokujulile kakhulu, ngubani ongakufumana na?

Verse 25: Ngase ngiphenduka ukuba inhliziyo yami yazi, ihlole, ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindaba ukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula, nobuwula ukuthi bungubuhlanya.

Verse 26: Ngase ngifumana okubaba kunokufa: owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha, nezandla zakhe ziyizibopho; omuhle phambi kukaNkulunkulu uyakuphunyuka kuye, kepha isoni siyakubanjwa nguye.

Verse 27: “Bheka, nakhu engikufumene,” uthi uMshumayeli: “Ngibeka okunye kokunye ukuba ngithole indikimba yezindaba,

Verse 28: nokusafunwa ngumphefumulo wami, ngingakakufumani kodwa: indoda inye phakathi kwenkulungwane ngiyifumene, kepha owesifazane phakathi kwabo bonke labo angimfumananga.

Verse 29: Bheka, lokhu kuphela ngikufumene ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waba qotho, kepha bona bafunile amacebo amaningi.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories